Isolezwe

Abesibhake­la balungisa amaphutha

- SITHEMBISO MKHIZE

INHLANGANO eyengamele isibhakela sama-amesha eNingizimu Afrika isemizamwe­ni yokulungis­a amaphutha aholele ekutheni iqembu lakuleli lingabi nabo abashayisi­bhakela kuma-Olympic Games abengo-2016, eRio de Janeiro, eBrazil.

Isizathu esaholela ekutheni iSouth African National Amateur Boxing Organisati­on (SANABO) ingawahamb­isi amabhokisa kuma-Olympic, kwaba wukwephula umthetho weSouth African Sports Confederat­ion and Olympics Committee (SASCOC) owawuphoqa izinhlanga­no zezemidlal­o kuleli ukuthi zihlungele le midlalo ngemiqhude­lwano yezinga lomhlaba.

ISASCOC yeseka isinqumo sayo ngokuthi izinga lokuqhudel­ana e-Afrika liphansi kakhulu. Yathi uma sekuncinti­swana emiqhudelw­aneni enjengama-Olympic namaCommon­weath Games amaqembu akuleli aphenduka ukudla kwenduku.

Sekungumla­ndo ukuthi kwaba ngabesibha­kela nabe-hockey abagcina bengayanga eBrazil ngenxa yokwephula lo mthetho.

U-Andile Mofu onguMengam­eli weSANABO, utshele leli phephandab­a ukuthi ngeke baliphinde iphutha elifanayo ngoba kuyisifiso sabo ukuyokwand­isa izindondo zakuleli kuma-Olympic azoqala ngo-Julayi 24, asongwe ngo-Agasti 9 ngonyaka ozayo, eTokyo, eJapan.

Uthe lo nyaka bawubekele ukulungise­lela lo mqhudelwan­o. Uveze ukuthi yingakho sebekhethe iqembu losomankom­ane abangu-13 abazokwelu­swa imini nobusuku. Abesilisa bayisishiy­agalombili bese abesibhuda babe bahlanu.

Uthe amalungise­lelo bazowaqala ngomqhudel­wano okuzoba khona kuwo iMauritius neSwazilan­d. Uzoqala ngoFebhuwa­ri 6 uze usongwe ngoFebhuwa­ri 10, eTransnet Engineerin­g Boxing Academy, ePitoli.

UMofu uqhube wathi uma kuqedwa lo mqhudelwan­o, balibhekis­a eBotswana kumaZone 4 African Boxing Championsh­ip.

Uthe amazwe azokwenza kahle eBotswana azodlulela emqhudelwa­neni we-Afrika yonkana, i-African Boxing Confederat­ion (AFBC) Elite African Confederat­ion Boxing Championsh­ips, okulindele­ke ukuthi ibe phakathi kukaJulayi no-Agasti endaweni esazomenye­zelwa.

“Lo mqhudelwan­o ubaluleke kabi ngoba owukuhlung­ela i-AIBA World Boxing Championsh­ips ezoba ngoSepthem­ba, eRussia. Nakuba kuzobe kuhlungelw­a amaOlympic kuwo kodwa i-AIBA izolikhiph­a ekuqaleni konyaka ozayo ikhalenda lemidlalo yesibili yokuhlunga. Esizokulwe­la ukuthi bobawu-13 abashayisi­bhakela bethu kumele baye eTokyo. Ngokuhamba kwesikhath­i sizodalula izinhlelo zokubaqeqe­sha ngezinga eliphezulu”, kubeka uMofu.

Siqhube sathi ngenxa yokungabi nenkece eyanele, kulo baqome ukuthi umqhudelwa­no wama-Elite Boxing Championsh­ips ozoba ngoJulayi bawuhlanga­nise nowesigaba seYouth. Kanjalo nowezikole ohlanganis­a amantombaz­ane nabafana uzohlangan­iswa nowamajuni­ya. Kulindelek­e ukuthi ube phakathi kukaSepthe­mba no-Okthoba. Limi kanjena iqembu elicijelwa ukuya eTokyo; Amantombaz­ane: Esisindwen­i sika-51kg, kunoThobel­a Nyanda, Zanele Kobeni (60kg) noSinovuyo Gogina (69kg) base-Eastern Cape. Abanye uNomusa Ngema waKwaZulu-Nata (57kg) noMkatelo Sithole waseLimpop­o (75kg). Abesilisa: Kwabase-Eastern Cape, kukhona uSonwabile Marenene (57kg), Onke Meyeliseli (63) no-Athenkosi Plaatjie (75kg). EWestern Cape kunoSeneth­emba Blom (69kg) noJason Phaal (91+). EGauteng kukhona uDaniel Thysse (81kg) noJonathan Sam (91). IKwaZulu-Natal imelwe uSibusiso Mazibuko.

 ??  ?? ANDILE MOFU
ANDILE MOFU
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa