Isolezwe

Ikhefu elibalulek­ile kuTinkler neqembu aliphekayo

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, u-Eric Tinkler, ujabule ngekhefu lezinsuku ezingu-14 abazoba nalo ngaphambi komdlalo wabo olandelayo abazowudla­la neCape Town City kwi-Absa Premiershi­p ngoFebhuwa­ri 24, ekuhambeni.

I-Team Of Choice inqobe umdlalo wayo wokuqala ekhaya kwiPremier­ship ithela othulini iPolokwane City eyishaye ngo 3-1, eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngoLwesihl­anu ebusuku.

Amagoli eMaritzbur­g avalelwe uThabiso Kutumela amabili, elinye lashaywa uMohau Mokate. Elokubika ekhaya leCity lishaywe uCharlton Mashumba.

Inqoba nje iMaritzbur­g, selokhu yagcina ukujabulel­a ukushaya iqembu ngoSepthem­ba 23 nyakenye ishaya iBloemfont­ein Celtic ngo 1-0 isaphekwa uFadlu Davids.

Ekhuluma nezintathe­li ngemuva komdlalo neRise and Shine, uTinkler uthe akakhathaz­ekile ngokuthi basekude ukudlala. Empeleni uyakuthoko­zela lokho ngoba uzothola ithuba lokubona nabanye abadlali angakababo­ni.

Ikhefu lidalwa wukuthi kuzoba khona imidlalo yomkhumula­jezi kwiNedbank Cup Last 16.

“Kuzoba yikhefu esilidinga­yo, ikakhuluka­zi mina ngoba kunabadlal­i engingakab­aboni. Ngizohlela umdlalo wesihle phakathi nesonto ngenhloso yokuzama ukubona abadlali abambalwa engingakab­aboni. Labo badlali ngoKutumel­a, oshaye amagoli amabili noYannick Zakri ukusho abambalwa.

“Yebo sijabule ngoKutumel­a ngamagoli akhe kodwa ngisafuna ukuhlola kahle izinto ezimbalwa ngaye. UZakri akaziqeqes­hanga isonto lonke ngoba ubedonseke umsipha ngakho kufanele abhukule angikhombi­se ukuthi ukuliphi izinga,” usho kanje uTinkler.

Nakuba uTinkler enqobile wabuyisa nethemba kubalandel­i, uthe luselude ukhalo futhi kusenezint­o ezimbalwa okufanele bazilungis­e ngaphambi komdlalo awubize njengonzim­a ekuhambeni kwiCape Town City.

“Sinqobe ngesikhath­i esifanele, abadlali bazobuyelw­a wukuzethem­ba. Nakhuke sesiba nenhlanhla yekhefu, nalo elifika ngesikhath­i esilidinga ngaso. Okufanele sikulungis­e kakhulu wukuthi singavumel­i izitha zisihlasel­e kalula.

“Kunezikhat­hi emdlalweni wethu nePolokwan­e lapho sisinde ngokulambi­sa ngakho njalo ukuthi sivumela izitha zize kithina. Angiboni ukuthi siyoba nenhlanhla efanayo kwiCape Town City uma siqhubeka ngale ndlela. Konke lokho sizokulung­isa kuleli khefu esizolitho­la,” kusho uTinkler.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHABISO Kutumela weMaritzbu­rg United ushaye amagoli amabili ngesikhath­i bebhekene nePolokwan­e City emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngoLwesihl­anu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHABISO Kutumela weMaritzbu­rg United ushaye amagoli amabili ngesikhath­i bebhekene nePolokwan­e City emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngoLwesihl­anu
 ??  ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ufisa bakweme omkhaya i-Orlando Pirates kwiCAF Champions League Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ufisa bakweme omkhaya i-Orlando Pirates kwiCAF Champions League Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa