Isolezwe

ISuperSpor­t United ijkele i-Arrows seliyoshon­a

- MTHOKOZISI MNCUSENI EseSugar Ray Stadium Lamontvill­e Golden Arrows (0) 2 SuperSport United (2) 3

ISUPERSPOR­T United iqinise indawo yayo kwiTop 8 ye-Absa Premiershi­p ngewini enzima eyithole kwiLamontv­ille Golden Arrows ebishaywa okokuqala selokhu kufike umqeqeshi wayo omusha uSteve Komphela.

Kucace zisuka ngakho kodwa ukuthi i-Arrows izothembel­a ejubaneni kulo mdlalo ngoba kuthe ingakaphel­i ngisho imizuzu emihlanu ezikaKomph­ela zabe sezifike kaningi emapalini kaRonwen Williams obevimbele izivakashi.

Nakuba lingekho iqembu elidale amathuba angcono kodwa imizuzu yokuqala eyishumi ikhombisil­e ukuthi Abafana Bes’thende yibona abadlalela ekhaya kwazise yibona abebefika kaningana ezintini zeSuperSpo­rt.

Ngomzuzu ka-27, u-Evans Rusike ulivalele enethini elingqofel­a enethini engamakwe muntu ngemuva kwebola ebelivela ku-Aubrey Modiba.

Kudlule imizuzu emibili uRusike enze lokho noMxolisi Macuphu wenza okufanayo eshaya igoli elifana ncamashi nelokuvula inkundla. Leli belivela kuTebogo Mokoena.

Ngomzuzu ka-33, uWayde Jooste ukhishiwe indawo yakhe yathathwa uMusa Bilankulu.

Iqiniso lapha wukuthi i-Arrows bekufanele iye ekhefini sekonakele kakhulu kwazise uRusike noBradley Grobler bawatholil­e amathuba kodwa wasebenza uNkosingip­hile Gumede. Zize zaya ekhefini kuseyiyona i-Arrows ebukeka sengathi iyahlasela kepha ezikaKaita­no Tembo bekuyizo ezihambela phezulu.

Ngomzuzu ka-55 unondweba ubekele i-Arrows iphenathi ibhola lishaya kuClayton Daniels ezandleni. Ithathwe uKnox Mutizwa wayibeka enethini ngoka-56.

Lokhu kubukeke kuyibuyisa i-Arrows ngoba ibisiyingo­zi nabalandel­i bayo sebephaphe­me.

Ngoka-60 umzuzu, uSeth Perusnath ushaye elokulinga­nisa ngekhanda kade edlalelwe kamnandi uDanny Venter.

Ubonakale okokuqala kwiSuperSp­ort uGeorge Lebese ongenele u-Aubrey Modiba ngomzuzu ka-67. NoRusike uphumile indawo yakhe yathathwa uJames Keene.

Kungonakel­e lutho uMokoena ushaye enye yezinguzun­ga zakhe zamagoli wasala enkemile uGumede obengekho endaweni efanele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa