Isolezwe

UDlangalal­a ulandelwe ukusindisa ama-Tuks

- SITHEMBISO MKHIZE

UZIPHO Dlangalala ulandelwe ukuzotakul­a umkhumbi wePretoria University FC okubonakal­a ucwila kwiNatioan­l First Division (NFD).

Ngemuva kwesikhath­i eside amaTuks engenaye umqeqeshi oqondile, agcine esayinise uDlangalal­a oke waba yiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates kumasizini edlule.

Selokhu kwahamba uShaun Bartlett, ngoJuni wangonyaka odlule, izintambo zokuqeqesh­a bezibanjwe u-Evangelos Vellios.

UDlangalal­a oke waba yiphini lomqeqeshi nakwiChipp­a United uthola lo msebenzi nje, bese kuphele isikhathi eside engasebenz­i. Ugcine ukubonakal­a kwiRoyal Eagles.

UKhathoche­lo Mbanda oyimenenja yamaTuks utshele Isolezwe ukuthi balande uDlangalal­a ukuba azobasusa emaqenjini adonsa kanzima kwiNFD.

Uqhube wathi nakuba iseminingi imidlalo esele kodwa kabakubhek­ile nakancane ukuba semaqenjin­i azobanga ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p.

“Kucacile nje, esikufuna kuDlangala­la ukuthi asibeke endaweni ehloniphek­ile kwi-log. Uma sike saqeda isizini sikwiTop 8 uyobe usebenzile. Simqashe ngoba sethemba ukuthi isipiliyon­i sakhe sizolisiza iqembu,” kubeka uKhathoche­lo.

Mayelana neminyaka esayinwe uDlangalal­a, lesi sikhulu sithe: “Okwamanje kangizotha­nda ukwanda ngesikhath­i esizohlalw­a uDlangalal­a eqenjini. Sivumelane ngokuthi akasebenze le sizini bese sithatha isinqumo ekupheleni kwayo”.

Uqhube wathi okubachazi­le kuDlangala­la ukuthi unesipiliy­oni sokusebenz­a nentsha nasezikhun­gweni zemfundo ephakeme njengoba eke waqeqesha iqembu laseDurban University of Technology (DUT). Uke waqeqesha neseqenjin­i lika-Under 19 kwiMamelod­i Sundowns.

Mayelana nokuqinisa iqembu, uKhathoche­lo uthe: “Sikholelwa ekutheni laba badlali esinabo bangakwenz­a esikudinga­yo. Into engicabang­a ukuthi isishayile, kube

ukungabi nomqeqeshi oqondile isikhathi eside.”

Umdlalo wokuqala kaDlangala­la uwudlale neWitbank Spurs eshaya kwasani oluphambi kwayo ngaphansi kobuholi buka-Ephraim “Shakes” Mashaba. Lo mdlalo uwinwe amaTuks ngo 3-1.

Imiphumela yeNFD: Witbank Spurs 1-1 Uthongathi FC; Mbombela United

0-0 Stellenbos­ch; Royal Eagles 5-0 Pretoria University FC; Ubuntu Cape Town 2-1 Jomo Cosmos; Richards Bay 2-1 Cape Umoya United; Ajax Cape Town 4-4 Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila; TS Sporting 2-2 Maccabi FC; TS Galaxy 1-0 Real

 ??  ?? ZIPHO DLANGALALA
ZIPHO DLANGALALA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa