Ikhefu elibalulekile kuTinkler neqembu aliphekayo
UMQEQESHI weMaritzburg United, u-Eric Tinkler, ujabule ngekhefu lezinsuku ezingu-14 abazoba nalo ngaphambi komdlalo wabo olandelayo abazowudlala neCape Town City kwi-Absa Premiership ngoFebhuwari 24, ekuhambeni.
I-Team Of Choice inqobe umdlalo wayo wokuqala ekhaya kwiPremiership ithela othulini iPolokwane City eyishaye ngo 3-1, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngoLwesihlanu ebusuku.
Amagoli eMaritzburg avalelwe uThabiso Kutumela amabili, elinye lashaywa uMohau Mokate. Elokubika ekhaya leCity lishaywe uCharlton Mashumba.
Inqoba nje iMaritzburg, selokhu yagcina ukujabulela ukushaya iqembu ngoSepthemba 23 nyakenye ishaya iBloemfontein Celtic ngo 1-0 isaphekwa uFadlu Davids.
Ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo neRise and Shine, uTinkler uthe akakhathazekile ngokuthi basekude ukudlala. Empeleni uyakuthokozela lokho ngoba uzothola ithuba lokubona nabanye abadlali angakababoni.
Ikhefu lidalwa wukuthi kuzoba khona imidlalo yomkhumulajezi kwiNedbank Cup Last 16.
“Kuzoba yikhefu esilidingayo, ikakhulukazi mina ngoba kunabadlali engingakababoni. Ngizohlela umdlalo wesihle phakathi nesonto ngenhloso yokuzama ukubona abadlali abambalwa engingakababoni. Labo badlali ngoKutumela, oshaye amagoli amabili noYannick Zakri ukusho abambalwa.
“Yebo sijabule ngoKutumela ngamagoli akhe kodwa ngisafuna ukuhlola kahle izinto ezimbalwa ngaye. UZakri akaziqeqeshanga isonto lonke ngoba ubedonseke umsipha ngakho kufanele abhukule angikhombise ukuthi ukuliphi izinga,” usho kanje uTinkler.
Nakuba uTinkler enqobile wabuyisa nethemba kubalandeli, uthe luselude ukhalo futhi kusenezinto ezimbalwa okufanele bazilungise ngaphambi komdlalo awubize njengonzima ekuhambeni kwiCape Town City.
“Sinqobe ngesikhathi esifanele, abadlali bazobuyelwa wukuzethemba. Nakhuke sesiba nenhlanhla yekhefu, nalo elifika ngesikhathi esilidinga ngaso. Okufanele sikulungise kakhulu wukuthi singavumeli izitha zisihlasele kalula.
“Kunezikhathi emdlalweni wethu nePolokwane lapho sisinde ngokulambisa ngakho njalo ukuthi sivumela izitha zize kithina. Angiboni ukuthi siyoba nenhlanhla efanayo kwiCape Town City uma siqhubeka ngale ndlela. Konke lokho sizokulungisa kuleli khefu esizolithola,” kusho uTinkler.