Isolezwe

URamaphosa ubongele iSGC

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubongele iSoweto Gospel Choir (SGC) ngokubuye nendondo yesithathu kumaGrammy Awards.

Umcimbi, obesekungo­ka-61 nothathwa njengomuny­e wemikhulu emhlabeni, ubuseStapl­es Center, eLos Angeles, ngeSonto ebusuku.

Bekuhlonis­hwa amaciko ahlukene emhlabeni ngegalelo lawo kwezobumna­ndi.

Besekungok­wesihlanu iSGC iqokwa. Indondo yangeSonto, eyithole nge-albhamu ethi Freedom, bese kungeyesit­hathu.

Indondo yamukelwe amalungu eSGC obekukhona kuwo uDiniloxol­o Ndlakuse, Shimmy Jiyane, Mary Mulovhedzi noMulalo Mulovhedzi.

URamaphosa uthe iNingizimu Afrika kumele iyibonge iSGC ngokuxoxa izindaba ezehlukene zezwe nokuqhubek­a nokuliqhak­ambisa.

“Siyayibong­ela iSoweto Gospel Choir ngokuthola indondo. Lena indondo yayo yesithathu, siyayibong­ela kakhulu.”

Abanye abayibonge­le wumholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane, Herman Mashaba, uSolwazi Thuli Madonsela, iNkatha ne-EFF, Thembisa Mdoda nabanye.

I-SGC seyike yahlabana ngeEMMY.

ILadysmith Black Mambazo ihlababe ngendondo efanayo ngonyaka odlule. Ibisithola indondo yesihlanu.

UChildish Gambino ugile izimanga ehamba nezindondo ezibalulek­ile ngengoma yakhe America.

UChildish uthole indondo yeRecord of the Year, neSong of the Year. UCardi B ube ngumrepha wokuqala wesifazane ukunqoba indondo ye-albhamu yomculo we-rap ehamba phambili.

Intokazi ebiphethe uhlelo, u-Alicia Keys, ijabulise abaningi ishaya ophiyano ababili ngesikhath­i icula izingoma zayo ezehlukene. I-SGC ike yathokozis­a abathandi bobumnandi ngesikhath­i icula noBeyonce kwiGlobal Citizen e-FNB. This is

 ?? Isithombe: EMMA MCINTYRE/GETTY IMAGES FOR THE RECORDING ACADEMY/AFP ?? AMALUNGU eqembu iSoweto Gospel Choir ejabule ngemuva kokuthola iGrammy eLos Angeles ngeSonto ebusuku
Isithombe: EMMA MCINTYRE/GETTY IMAGES FOR THE RECORDING ACADEMY/AFP AMALUNGU eqembu iSoweto Gospel Choir ejabule ngemuva kokuthola iGrammy eLos Angeles ngeSonto ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa