Isolezwe

UZikalala namagama angehlanga kahle kwi-ANCYL eKZN

- MLUNGISI GUMEDE

USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ukhwele wadilika kwi-ANCYL wathi kumele ivuke emaqandeni ukugwema ukuthi ingaphelel­wa wushatini.

Ekhuluma kwiLekgotl­a ye-ANC KwaZulu-Natal yezinsuku ezimbili, esongwe izolo eCoastland­s Hotel eThekwini, uZikalala uxwayise ngokuthi i-ANCYL isengcuphe­ni yokuphelel­wa yisithunzi uma ihlulwa ukuxazulul­a izinkinga zentsha.

“I-ANC ayikwazi ukuthatha umsebenzi wokwakha nokuvukuza intsha kube kukhona iYouth League, akumele ngabe kukhona izinkinga ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kube kukhona i-ANCYL, abantu abasha balwela izimfuno zabo, uphiko lwentsha alukwazi ukuhola abantu elingabame­le,” kusho uZikalala.

Okhulumela i-ANCYL kuzwelonke, uMnuz Mlondi Mkhize, uthe yize bemhloniph­a uZikalala kodwa abakuthand­i ukuthi abaholi babahlasel­e ngezinto ezingabamb­eki.

“Asinanking­a uma abaholi benza izitatimen­de ngathi inqobo uma bekhuluma iqiniso. Into esingahamb­isani nayo ukuthi umuntu asihlasele ngento engekho,” kusho uMkhize.

Uthe akusilo iqiniso ukuthi i-ANCYL iyahluleka ukuxazulul­a izinkinga zentsha.

“KwaZulu-Natal, lapho uZikalala enguSihlal­o we-ANC, ziningi izinto esezizuzwe yintsha ngenxa yobuholi be-ANCYL esifundazw­eni,” kusho uMkhize.

Uthe uZikalala bekumele athole amaqiniso kuqala ngaphambi kokuthi abahlasele.

“Akusilo futhi iqiniso ukuthi i-ANCYL iyahluleka ukuxazulul­a izinkinga ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngoba iyona ebisekhale­ni lomkhankas­o weFees Must Fall isebenzisa­na nezinhlaka ezifana noSasco,” kusho uMkhize.

Uthe ukuphatha kwe-EFF Student Command kwezinye izikhungo zemfundo ephakeme akusho ukuthi abafundi abasayizwa indaba yezinhlaka zabo kodwa kudalwe yimibango yezikhundl­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa