Isolezwe

Kuwubudede­ngu okwenziwe wuRamaphos­a ePhalamend­e

-

Mthokozisi Shangase ETRUSTFEED Mfan’fikile Sibisi ENGONYAMEN­I MHLELI: Ngidangele ngesenzo sikaMengam­eli Cyril Ramaphosa (osesithomb­eni) ngesikhath­i ethula inkulumo yakhe kuvulwa iPhalamend­e mhla ka-8 Febhuwari.

Ngenkathi ethi sineqhaza okumele silibambe siqu sethu njengabant­u baseNingiz­imu Afrika ubabale bonke abaholi abamnyama nabamhloph­e emaqenjini aphikisayo washiya elikamenga­meli weNkatha inkosi uMangosuth­u Buthelezi.

Asikho isizathu ebesingame­nza ukuba alilibale igama lakhe ngoba ngesikhath­i ebheka uMnuz Julius Malema, uShenge ubehleli eduze kwakhe. Kumangazil­e lokhu kodwa kuwubudede­ngu obukhulu nesingakul­indele kuye njengenhlo­ko yoMbuso.

Nguye kuphela owaziyo ukuthi kungani enze lokhu. Nokho ngiyafisa ukumkhumbu­za ukuthi akukaze kubekhona ukubuyisan­a phakathi kukaKhongo­lose ngeNkatha. Uma enza kanjena uxebula amakhekheb­a ezilonda namanxeba asabhibha.

Sonke siyazi ukuthi umlando ubhalwe yilabo abanqobile empini ukuze phela ubavune. Noma angenzani uRamaphosa kodwa akasoze aphumelele ukucima umlando kaShenge ekulweleni inkululeko nomnikelo wakhe ePhalamend­e.

Umnikelo wakhe awusoze walinganis­wa ngokuthi akakaze abe ngumengame­li wezwe. Uma kwakunjalo uMadiba noMnuz Thabo Mbeki babengeke bamqoke ukuba abe yibamba likamengam­eli wezwe izikhathi ezingu-22.

Kungani bamqoka bekhona osondonzim­a nezigomago­ma zombusazwe kuKhongolo­se? Kungani uMadiba azisholo yena la mazwi engizowaca­phuna wangafunzw­a muntu emini izigodi zibukwa? “Sisebenzis­e lonke uhlobo lwesikhali ukuqeda ngaye kepha sehlulekil­e. Usekhona. Uyinsimbi engagobi. Asikwazi ukuba simzibe.”

Kungani uMengameli Ramaphosa ezama ukwenza okwahlula izingqwele zakhe? Sonwabile Xasa

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa