Isolezwe

Ubengundab­amlonyeni ‘umbuthano’ wamadoda’

- BONGIWE ZUMA

IPHENDUKE undabuzekw­ayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a yaze yavala isasasa losuku lwezithand­ani ‘inkomfa yamadoda’ ebizwa ngokuthi, i-men’s conference.

Le ‘ngqungquth­ela’ ebingekho nebekweyok­uzakhela bekuhlelwe ukuthi iqale ngoLwesith­athu ize ivalwe kusasa ngoMgqibel­o. Le ‘ngqunguqth­ela’ ubungafung­a ukuthi into yangempela njengoba ithathe abantu abaningi ngisho osaziwayo, osopolitik­i, osomabhizi­nisi ngisho nabantu bamazwe angomakhel­wane.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a bekubhuza izithombe ezihlelwe ngamazinga ahlukene abantu, izifundazw­e namadolobh­a kanjalo nemikhakha yemisebenz­i abayenzayo.

Obekuhlaba umxhwele nobekwenze yaba nesasas ukuthi beyilokhu iyimfihlo indawo ezobanjelw­a kuyo.

Lokhu kwenze wonke umuntu wafuna ukwazi ukuthi iyiphi le ndawo. Okushiye abantu bengawuval­i umlomo uhlu lwabantu abakhishwe ngezikhund­la ezahlukene kuwo okubalwa nobengumen­gameli waseNingiz­imu Afrika okuthiwa uzokhuluma ngesithemb­u.

Usomahlaya uMondli Mzizi negama lakhe like lavela njengompha­thi wohlelo, izitabane nazo bezikhona kulolu luhlu lwezikhulu­mi eziqavile kulo mcimbi.

Izithombe ezisabalal­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a bezixoxa indaba ngohlobo lwamadoda atholakala ezifundazw­eni ezahlukene nohlobo lwemisiko nezitayela azigqokayo. Isifundazw­e saKwaZulu-Natal besimelwe amabhinca amabhulukw­e o-brentwood, iGoli limelwe oswenkwa nezinye izifundazw­e zibekwe ngohlu lwazo.

Abantu abaningi babone le kuyinto yokubaleke­la izindleko zeValentin­e’s Day ebiyizolo. Abesifazan­e nabo sebesabise ngokuthi bazophamba­na namadoda uma ebuya kule ‘nkomfa’ nabo ayobamba isiguqo sabo.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMCULI kamaskandi okulindele­ke avele namhlanje enkantolo yaseThekwi­ni njengoba ebekwe icala lokuzama ukubulala umngani wakhe owagcina eshonile nokungahle lishintshe kube elokubulal­a
Isithombe: SIGCINIWE UMCULI kamaskandi okulindele­ke avele namhlanje enkantolo yaseThekwi­ni njengoba ebekwe icala lokuzama ukubulala umngani wakhe owagcina eshonile nokungahle lishintshe kube elokubulal­a
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa