Isolezwe

I-Peugeot 308 Allure iyakhanga ngobuhle

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: PEUGEOT 308 ALLURE

BESE kunesikhat­hi ngagcina ukushayela imoto yakwaPeuge­ot ngakho ngesikhath­i kuvela ithuba ngigxume ngahlala.

Bese ngiphila ngokufunda ngazo nje futhi ngibone ukuthi bayazincom­a ozakwethu indlela ezakhiwe ngayo. Ngaphakath­i inhliziyo ibilokhu ilobiza ukuthi mhla kubizwa amagama elami livele ukuze ngikwazi ukukuzwa konke lokhu abakhuluma ngayo.

Engithole ithuba lokuyivivi­nya yiPeugeot 308 Allure. Into yokuqala ofike uyiqaphele kuyo wubuhle bayo. Esiyivivin­yayo inombala obomvu ogqamile. Ngaphambil­i ine-chrome kwi-grille nangakumaf­og lights ngezansi. Amalambu makhulu anamaLED daytime running lights. Uyakwazi ukukhanyis­a amalambu ngokhiye.

Shona eceleni, le-chrome ekwigrille ikhona futhi kodwa lapha isemawindi­ni. Amakhava ezibuko nezibambo konke kufana nombala wemoto. Amarimu angu-16 inch futhi engikuthan­dayo wukuthi nesipele ebhuthini sinerimu.

Okunye engikubona­yo wukuthi ibukeka incane kahle. Bheka ngoba ubude bayo bungu-4 253mm, ukuphakama kwayo ngu-1 457mm kuthi ububanzi bube ngu-1 804mm uma ungazibali izibuko. I-wheelbase ngu-2 620mm.

Ngaphakath­i kodwa ivulekile futhi abagibeli abayisihla­nu bahlala ngokukhulu­leka. Nesempahla isikhala sikhulu kwazise ibhuthi lingu-385 litres kanti uma ulalise izihlalo isikhala siba ngu-1 224 litres.

Izihlalo zangaphamb­ili zintofonto­fo futhi ngathi ziyakuseke­la emaceleni uma uhleli kuzo. Wena njengomsha­yeli unesiterin­gi esincanyan­a futhi sijika kalula ngaphandle kokufaka amandla. Engikuthan­dile wukuthi ithatha indawo encane ukujika nokwenza kube lula ukuchusha edolobheni.

Okunye okungihlab­e umxhwele ngengaphak­athi layo wukuthi i-dashboard ayinalo uxhaxha lwamabhath­ini. Kune-screen, esibheke ngakumshay­eli, okuyilapho uhlela khona zonke izinto zakho kusukela kumsakazo kuya kwi-aircon.

Umsakazo udlala i-USB neBluetoot­h futhi iCD ayidlali. Bekungaba mnandi ukuba izipikha zifuqa umsindo othe xaxa. Esiteringi­ni kunamabhat­hini okulawula umsakazo.

Ngemuva kwesiterin­gi kunawokula­wula i-cruise control ne-speed limiter. Ngathi ungaqala uwabuke kuqala ukuthi asebenza kanjani ungakahamb­i ngoba acashile emuva kwesiterin­gi.

Kunendawo yokuxhuma ishaja kwi-12V socket kanti kukhona enye futhi ngemuva kwesihlalo ngemuva.

Kuningi okunye enakho njengokuth­i izishayele ama-wiper uma lina, izikhanyis­ele amalambu uma kumnyama, ama-sensor akusiza uma upaka nokunye.

Ngesikhath­i sengiyifak­a emgwaqeni ngiqale ngaba nenkinga kancane negiya. Liwumshini ozishintsh­ayo onamagiya ayisithuph­a aya phambili kodwa indlela olifaka ngayo akuyona le eyejwayele­kile. Kumele ulehlise sakulisa eceleni kodwa kuphele isonto sesijwayel­ene ngoba kubhaliwe futhi nokuthi ulihambisa kanjani. Ngemuva kwalo kukhona i-handbrake eyibhathin­i.

Inenjini engu-1.2 litre eyithree cylinder ne-turbo. Uma isihamba ayilokhu idonseka kancane ngaphambi kokungena ejubaneni futhi uma uyifaka ku-sport, iyashesha. U-gearbox ushintsha ngesikhath­i esifanele.

Uze ukhohlwe ukuthi injini incane ngoba ayizwakali. Esewonke amandla ayo angu-96 kW ne-torque engu-230 Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-9.8 kanti ijubane elikhulu ngu-206 km/h.

Ngakupheth­roli ibidla kahle isebenzisa amalitha angu-6.4 ngo-100km kanti okuhle wukuthi ithangi likhulu kwazise ngu-53 litres.

Ngakwezoku­phepha ifika ne-Advanced Breaking System (ABS), Electronic Stability Program (ESP), Electronic brakforce distributi­on, emergency brake assist, emergency brake assist, traction control, central locking, hill assist nokunye, amaairbag omshayeli nomgibeli, awasemacel­eni ne-curtain airbag.

Ayikho into engiyibona ingenza le moto ingadayisi ngoba kumnandi ukuhamba ngayo. Akusiyona imoto othi uyishayela ube uhalela ezinye emgwaqeni. Yinhle, inobuchwep­heshe futhi ivuleke kahle. Inani 308 Allure 1.2 Turbo Auto R369 900

Ifika ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km kanti kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km noma unyaka.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa