Isolezwe

Uboshiwe olahle ingane esibhedlel­a

- LUNGI LANGA

ZIMKHALELE owesifazan­e (20) waKwaMashu osolwa ngokulahla usana emgqomeni esibhedlel­a, iKing Edward VIII.

Ngokwesita­timende esikhishwe ngumnyango wezempilo KwaZuluNat­al, unina wengane ubegcinwe wumhlengik­azi eyincelisa ngoLwesine. Umhlengika­zi uphume eya kwelinye iwadi emushiya nayo.

Ingane yomfana ibizalwe ngenyanga yesishiyag­alombili ishaya u-1.2 kg. Beyigcinwe ebhodlelen­i esibhedlel­a.

Kuthiwa unina wengane uyigoqe ngopulasti­ki ofakwa embhedeni wase eyifaka kwipillow case wayibopha wase eyifaka emgqomeni wabeka amaphepha ngaphezulu.

Umhlengika­zi eseyibuza ingane kunina uzenze ongayazi.

Ingane ize yatholakal­a emgqonyeni, inezimpawu zokuncishe­ka umoya. Kubizwe udokotela wayisiza.

Kuthiwa ibisemgqon­yeni okulahlwa kuwo izinayiti nezinye izinto. Bekufanele ikhishwe ngosuku olulandela­yo.

Owamaphoyi­sa uLt Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa ambophile unina wengane ambeka icala lokuzama ukubulala. Kuthiwa ubebelethe­le kwesinye sezibhedle­la zaseThekwi­ni.

Kulindelek­e avele enkantolo yemantshi eThekwini namuhla.

Kusanda kutholakal­a usana lulahlwe esitamkokw­eni eNewlands East.

UNgqongqos­he wezeMpilo kulesi sifundazwe uDkt Sibongisen­i Dhlomo ubonge abahlengik­azi ngokuthung­atha ingane basindisa impilo yayo.

“Lesi yisigameko sesibili esikhathin­i esinganges­onto kulesi sifundazwe. Siyajabula ukuthi zombili izingane ziyaphila. Ngalolu lwazi esinalo oluncane unina wengane (etholakale esibhedlel­a) onenye ingane ubedonswe ngendlebe yisoka lakhe nanguyise ngokuthi angalinge abuye nengane.

Uthe abantu kufanele bazi ukuthi zikhona izinhlelo ezingasiza abantu besifazane abangakulu­ngele ukuthola abantwana njengezivi­kelanzalo nezinhlelo zokukhipha izisu eziphephil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa