Isolezwe

Impikiswan­o ngobuholi kwelika-VZ

- INTATHELI YESOLEZWE

LUHLALE obala uqhekeko kwiNFP ngoMgqibel­o ngemuva kokuthi omunye wabaholi ethe usihlalo weqembu KwaZulu-Natal kusenguMnu­z Vikizitha Mlotshwa. Kuthe engakaligw­inyi bamngena emlonyeni baphikisan­a phambi kwabantu abebekhona.

UNkk Happy Khuzwayo utshele abezindaba ukuthi usihlalo wabo eKZN uMnuz Nhlanhla Khawula wathi ayikho into yokuthi uMlotshwa ungusihlal­o.

UKhawula uthe eKZN abusekho ubuholi kodwa sekukhona ubuholi besikhasha­na bukazwelon­ke.

Uthe bonke ubuholi obabukhona baphelelwa yisikhathi ngemuva kokuthi inhlangano ingazange ibe nezingqung­quthela.

“Ngisho umyalelo wenkantolo ukubeka kucace ukuthi bubodwa ubuholi beqembu obukhona, wuhlaka lwesikhash­ana lukazwelon­ke,” kusho uKhawula.

Isenzo sikaKhawul­a sibushiye buphoxekil­e ubuholi obebusinge­the isithangam­i nabezindab­a, kubalwa nomengamel­i weqembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi.

INFP ibizomemez­ela izinhlelo zayo njengoba ilungisele­la ukhetho lukazwelon­ke oluzoba ngoMeyi 8.

Ibamba lokhulumel­a iqembu kuzwelonke, uMnuz Simo Mkhwanazi, lithe iqembu labo lizokwethu­la umqulu walo wezethembi­so zokhetho eVryheid ngoMashi 31.

“Uhlelo lokuphakam­isa amagama abazomela iqembu luzoqala ngempelaso­nto ezayo,” kusho uMkhwanazi.

Okhulumela uNkk MagwazaMsi­bi, uMnuz Cannan Mdletshe, uthe kulokhu iqembu ngeke lize liphakamis­e abantu abazofudum­eza amabhentsh­i ePhalamend­e, abazolokhu beshaya izandla kuphela kodwa bazoqoka abantu abakwazi ukuphonsel­a amanye amaqembu inselelo.

Uthe bazokhetha abantu abazocubun­gula izinto okukhuluny­wa ngazo bese bebamba iqhaza kwizinkulu­mompikiswa­no.

Ibamba likaMgcini­mafa weqembu, uMnuz Emam Manzur Shaik, liwaqinise idolo amalungu lathi noma kanjani iqembu

lizolungen­ela ukhetho. “Imali yokungenel­a ukhetho ikhona, isizathu sokungalun­geneli ngo-2016 kwakungekh­ona ukuthi imali yayingekho kodwa yinto eyenziwa ngamabomu,” kusho uShaik.

UMkhwanazi uthe bayabeseka abafundi ababhikish­ayo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngoba balwela lokho abathenjis­wa khona.

Unxuse onogada namaphoyis­a ukuba bangaseben­zisi indlakadla uma bebhekene nabafundi ababhikish­ayo.

 ??  ?? ABAHOLI beNFP nomengamel­i wayo, uNkk Zanele MagwazaMsi­bi, bekhuluma nabezindab­a eThekwini nalapho kugqame khona uqhekeko
ABAHOLI beNFP nomengamel­i wayo, uNkk Zanele MagwazaMsi­bi, bekhuluma nabezindab­a eThekwini nalapho kugqame khona uqhekeko

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa