Kusebenzile ukuba yiphela endlebeni
UKUBA yiphela endlebeni enxenxa uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukuthi umakhele isikole yikhona okumsizile ukuthi ligcine lifezekile iphupho lakhe.
UNkk Nonhlanhla Dlamini, uthishanhloko wesikole sezingane eziphila nokukhubazeka eSidakeni, Ukukhanya koMsinga, uyachichima yinjabulo njengoba lifezekile iphupho lakhe lokuthi kube nalesi sikole eMsinga.
Yisona kuphela lesi sikole esifundisa lezi zingane eMsinga.
UNkk Dlamini uthe waqala ngo-2004 esebenza nowesifazane owayeno-matric kuphela ukuthi aphembe indaba yalesi sikole.
Uthe ngaleso sikhathi wayesebenza kwesinye isikole kodwa enothando lwezingane eziphila nokukhubazeka efuna zakhelwe isikole.
Uqhube wathi wacela indawo enkosini yabaThembu ukuze asungule isikole.
“Saqala kuphahlekwa udaka kwathi ngo2006 sabhaliswa njengesikole saba nabafundi abangu-10. Sacela amakilasi angomahamba nendlwana emnyangweni ngilokhu ngibhalile ngicela ukwakhelwa isikole. Ngo-2008 basakhela amagumbi angu-8 okufunda basinika nangomahamba nendlwana amabili kanjalo nehhovisi lothisha.”
Uthe ubengapheli umoya ebhala ebhalile ecela ukwakhelwa isikole njengoba ngo-2010 saqala ukwakhiwa.
Nesibalo sabafundi siyakhula njengoba manje sebengu-179.
NgoLwesihlanu inhloko yomnyango uDkt Enock Nzama ivule lesi sikole esesinamagumbi angu20 okufunda, igumbi lamakhompyutha, indawo yokuhlala abafundi abangu-125, babafana nabangu-125 bamantombazane eyisitezi, ikheshi lokuhambisa abafundi abangakwazi ukuhamba, ugesi welanga uma kwenzeka kuphele ugesi, igumbi elihlala abafundi abagulayo ,ikhishi, igumbi elihlala amathuluzi kanjalo nomtapo wolwazi.
“Manje sinothisha abangu-17, abasizi bothisha abangu-11, abahlanza isikole ababili, umabhalane oyedwa, onogada ababili, umama ophekela izingane kanjalo namabhasi amathathu njengoba abafundi beqhamuka ezigodini ezehlukene.
“Njengoba sesinendawo yokuhlala sizothatha abahlala kude kodwa nabahlala eMsinga sizobamukela. Sibafundisa amakhono njengoba cishe u-95% wabafundi bethu bephila nokukhubazeka okuthinta ingqondo.”
Lesi sikole sidle umnyango ngaphezulu kukaR128 million ukusakha.
“Ngiyanxusa abanye othishanhloko abasalindile ukuthi babe yiphela endlebeni uma befuna into. Mina bengingena kuyona yonke iminyango ngiya kubona bonke ongqongqoshe ngiyofuna usizo. Sengingawuthatha umhlalaphansi ngoba iphupho lami lifezekile.”