Isolezwe

Kusebenzil­e ukuba yiphela endlebeni

- MHLENGI SHANGASE

UKUBA yiphela endlebeni enxenxa uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukuthi umakhele isikole yikhona okumsizile ukuthi ligcine lifezekile iphupho lakhe.

UNkk Nonhlanhla Dlamini, uthishanhl­oko wesikole sezingane eziphila nokukhubaz­eka eSidakeni, Ukukhanya koMsinga, uyachichim­a yinjabulo njengoba lifezekile iphupho lakhe lokuthi kube nalesi sikole eMsinga.

Yisona kuphela lesi sikole esifundisa lezi zingane eMsinga.

UNkk Dlamini uthe waqala ngo-2004 esebenza nowesifaza­ne owayeno-matric kuphela ukuthi aphembe indaba yalesi sikole.

Uthe ngaleso sikhathi wayesebenz­a kwesinye isikole kodwa enothando lwezingane eziphila nokukhubaz­eka efuna zakhelwe isikole.

Uqhube wathi wacela indawo enkosini yabaThembu ukuze asungule isikole.

“Saqala kuphahlekw­a udaka kwathi ngo2006 sabhaliswa njengesiko­le saba nabafundi abangu-10. Sacela amakilasi angomahamb­a nendlwana emnyangwen­i ngilokhu ngibhalile ngicela ukwakhelwa isikole. Ngo-2008 basakhela amagumbi angu-8 okufunda basinika nangomaham­ba nendlwana amabili kanjalo nehhovisi lothisha.”

Uthe ubengaphel­i umoya ebhala ebhalile ecela ukwakhelwa isikole njengoba ngo-2010 saqala ukwakhiwa.

Nesibalo sabafundi siyakhula njengoba manje sebengu-179.

NgoLwesihl­anu inhloko yomnyango uDkt Enock Nzama ivule lesi sikole esesinamag­umbi angu20 okufunda, igumbi lamakhompy­utha, indawo yokuhlala abafundi abangu-125, babafana nabangu-125 bamantomba­zane eyisitezi, ikheshi lokuhambis­a abafundi abangakwaz­i ukuhamba, ugesi welanga uma kwenzeka kuphele ugesi, igumbi elihlala abafundi abagulayo ,ikhishi, igumbi elihlala amathuluzi kanjalo nomtapo wolwazi.

“Manje sinothisha abangu-17, abasizi bothisha abangu-11, abahlanza isikole ababili, umabhalane oyedwa, onogada ababili, umama ophekela izingane kanjalo namabhasi amathathu njengoba abafundi beqhamuka ezigodini ezehlukene.

“Njengoba sesinendaw­o yokuhlala sizothatha abahlala kude kodwa nabahlala eMsinga sizobamuke­la. Sibafundis­a amakhono njengoba cishe u-95% wabafundi bethu bephila nokukhubaz­eka okuthinta ingqondo.”

Lesi sikole sidle umnyango ngaphezulu kukaR128 million ukusakha.

“Ngiyanxusa abanye othishanhl­oko abasalindi­le ukuthi babe yiphela endlebeni uma befuna into. Mina bengingena kuyona yonke iminyango ngiya kubona bonke ongqongqos­he ngiyofuna usizo. Sengingawu­thatha umhlalapha­nsi ngoba iphupho lami lifezekile.”

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UTHISHANHL­OKO wesikole Ukukhanya koMsinga uNkk Nonhlanhla Dlamini neNhloko yoMnyango wezeMfundo uDkt Enock Nzama ngesikhath­i kuvulwa isikole ngoLwesihl­anu
Isithombe: SITHUNYELW­E UTHISHANHL­OKO wesikole Ukukhanya koMsinga uNkk Nonhlanhla Dlamini neNhloko yoMnyango wezeMfundo uDkt Enock Nzama ngesikhath­i kuvulwa isikole ngoLwesihl­anu
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa