‘Sengizinikele ngokugcwele eqenjini’
UMDLALI wasemuva kwiBloemfontein Celtic, uWandisile Letlabika, uthi usezinikele ngokugcwele eqenjini elilokhu likhungethwe yizinkinga zemali.
Maphakathi nesonto eledlule iCeltic ilungiselela umdlalo weNedbank Cup Last 16 neRichards Bay FC, uLetlabika uke wangaya ejimini kwavela ukuthi udube iqembu ngoba limkweleta imali.
Imibiko iveze ukuthi wazikhokhela yena ezinye izindleko zokulashwa kwakhe ngesikhathi elimele edolweni nyakenyeke, yileyo mali abeyifuna.
Nokho kubonakala sengathi ukungaboni ngasolinye nabaphathi ugcine ekushiye ngaphandle kwenkundla okufakazelwe wukukhipha wonke amangwevu bedla iRichards Bay ngo 1-0 emdlalweni obuseFree State Stadium noMgqibelo ebusuku.
Igoli abawine ngalo lishaywe nguTshegofatso Mabasa esiwombeni sesibili. Izinkulungwane zabalandeli beCeltic bezingabonwa kukhona nje abambalwa.
Nabo abalandeli kuthiwa sebenomkhankaso wokuliduba iqembu ngoba benganeme ngendlela eliphethwe ngayo.
“Ngibonga abaqeqeshi nozakwethu nenkosikazi yami ebingigqugquzela ukuthi ngibuye ngizosiza iqembu lami liphumelele,” kusho uLetlabika ngemuva komdlalo kwiSuperSport.
“Bekuwumdlalo onzima ngoba besazi ukuthi iRichards Bay ayisilona iqembu elilula ngemuva kokuthi ikhiphe iFree State Stars. Besizitshelile ukuthi sizohlala sibayeke beze kithina bese sisebenzisa izikhala abazishiya ngemuva.
Esiwombeni sokuqala sithwale kanzima kodwa kwesesibili lisebenzile iqhinga ngoba iyona indlela eliqhamuke ngayo igoli.”
Uthe izimo ababhekana nazo njengabadlali zibadinga ukuthi baqine ngokomqondo.
“Uma ungumdlali osheshayo ukudikibala ngeke uphumelele. Kumele uqine ukuze ukwazi ukubuya ngamandla. Ngiyacabanga ukuthi yikhona okungisizile ukuthi ngibuyele ukuzolekelela ozakwethu ukuze badlulele phambili. Manje sengizinikele 150% eqenjini,” kusho uLetlabika omunye wabadlali abadala kwiPhunya Sele Sele.
Walile ukuphendula uma ebuzwa ngokuthi usekhokhelwe yini imali.
Iqembu eliphekwa nguLehlohonolo Seema, obambe ngemuva kokushiya kukaSteve Komphela, lithole ithuba lokushaya igoli lesibili ngephenathi. Ithathwe unozinti uPatrick Tignyemb kodwa wayivimba unozinti weBay u-Andile Mbanjwa.
“UPat ubezethemba kakhulu ngesikhathi sikhuluma silungiselela umdlalo. Ube ngowokuqala ophakamise isandla uma kubuzwa abazoshaya amaphenathi. Kodwa ngiyathemba ukuthi uthole isifundo. Ngokuzayo useyocabanga ngaphambi kokuthi aweqe ulayini,” kusho uSeema.
ICeltic isingene esigqokweni samaqembu azodlala kuma-quarterfinal azoqhathwa ngoLwesine, amanye awo okuyiLamontville Golden Arrows, Cape Umoya, Cape Town City, neChippa United.