Ithuba lokulungisa amaphutha kwiBucs
UKUHLULWA yi-Esperance ekuhambeni emdlalweni weCAF Champions League, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, wakhuluma ngokuvuka bazithathe bazikhombise ukuthi baqine kangakanani ngokomqondo.
Wayesho ebalula imidlalo yabo emibili esele emaqoqweni eChampions League okumele bayinqobe noma ikanjani uma bezimisele ngokudlulela kumaquarterfinal alo mqhudelwano.
Kodwa ukuqina kwePirates nokulambela ukubhekana nezinselelo ezingama endleleni yayo yokuba wompetha, akugcini nje kuphela kwiChampions League, kumele ikhombise amangwevu afanayo emdlalweni wayo ozayo kwi-Absa Premiership.
AmaBhakhaniya azovakashela iSuperSport United eMbombela Stadium ngoLwesithathu ngo7.30 ebusuku. Kumele iwathole egcwele amaphuzu ukuze ingagudluki emaqenjini ebanga nawo isicoco seligi, okuyiBidvest Wits ezihola phambili kwi-log ngamaphuzu awu-37, neMamelodi Sundowns esendaweni yesibili ngamaphuzu awu-34.
IBucs isendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-33. Ukuqhuzuka kwayo kungenzeka izithole isala ngegebe elithe ukuvuleka uma iSundowns ingaqoqa amaphuzu amathathu kwiPolokwane City abadlala nayo kusasa eLoftus Versfeld.
ISundowns izobe isidudulana neWits ngoMgqibelo okuwumdlalo okungenzeka uguqule ukuma kwezinto esicongweni se-log. Ngosuku olufanayo iPirates izodudulana naMaZulu FC.
“Kumele sibuye sikhombise ukuqina. Sigxile emdlalweni wethu olandelayo ekhaya wango mhla ka 20 (ngoLwesithathu) okuyiwona esiwubhekile njengamanje,” kusho uMicho ngemuva kokushaywa yi-Esperance ngo 2-0.
IPirates ibisidlale kabili ingawini kwiligi, ibambane neKaizer Chiefs ngo 1-1 ekubeni yathola umphumela ofanayo kwiBaroka FC.
Lokhu kulahla amaphuzu yikhona okwenza yazithola igudluka endaweni yesibili lapho ibikhona, kwakhuphuka amaBrazilians.
Mhlawumbe okuzonikeza ithemba abalandeli ngomdlalo wezabo neSuperSport, wukuthi kowomlenze wokuqala eZimnyama zadlula ngo 3-1.
Lena yisizini yesibili kaMicho ngemuva kokuqeda edlule endaweni yesibili. Sebephunyukwe isicoco seMTN 8, Telkom Knockout neNedbank Cup. Sekusele iligi kuleli neChampions League kwabasengakwazi ukulwela ukuzinqoba okungajabulisa abalandeli abagcina ukubona iqembu labo liphakamisa indebe ngeNedbank Cup ngo-2014.