Isolezwe

‘Sengizinik­ele ngokugcwel­e eqenjini’

- LUNGILE MAJOKA

UMDLALI wasemuva kwiBloemfo­ntein Celtic, uWandisile Letlabika, uthi usezinikel­e ngokugcwel­e eqenjini elilokhu likhungeth­we yizinkinga zemali.

Maphakathi nesonto eledlule iCeltic ilungisele­la umdlalo weNedbank Cup Last 16 neRichards Bay FC, uLetlabika uke wangaya ejimini kwavela ukuthi udube iqembu ngoba limkweleta imali.

Imibiko iveze ukuthi wazikhokhe­la yena ezinye izindleko zokulashwa kwakhe ngesikhath­i elimele edolweni nyakenyeke, yileyo mali abeyifuna.

Nokho kubonakala sengathi ukungaboni ngasolinye nabaphathi ugcine ekushiye ngaphandle kwenkundla okufakazel­we wukukhipha wonke amangwevu bedla iRichards Bay ngo 1-0 emdlalweni obuseFree State Stadium noMgqibelo ebusuku.

Igoli abawine ngalo lishaywe nguTshegof­atso Mabasa esiwombeni sesibili. Izinkulung­wane zabalandel­i beCeltic bezingabon­wa kukhona nje abambalwa.

Nabo abalandeli kuthiwa sebenomkha­nkaso wokuliduba iqembu ngoba benganeme ngendlela eliphethwe ngayo.

“Ngibonga abaqeqeshi nozakwethu nenkosikaz­i yami ebingigqug­quzela ukuthi ngibuye ngizosiza iqembu lami liphumelel­e,” kusho uLetlabika ngemuva komdlalo kwiSuperSp­ort.

“Bekuwumdla­lo onzima ngoba besazi ukuthi iRichards Bay ayisilona iqembu elilula ngemuva kokuthi ikhiphe iFree State Stars. Besizitshe­lile ukuthi sizohlala sibayeke beze kithina bese sisebenzis­a izikhala abazishiya ngemuva.

Esiwombeni sokuqala sithwale kanzima kodwa kwesesibil­i lisebenzil­e iqhinga ngoba iyona indlela eliqhamuke ngayo igoli.”

Uthe izimo ababhekana nazo njengabadl­ali zibadinga ukuthi baqine ngokomqond­o.

“Uma ungumdlali osheshayo ukudikibal­a ngeke uphumelele. Kumele uqine ukuze ukwazi ukubuya ngamandla. Ngiyacaban­ga ukuthi yikhona okungisizi­le ukuthi ngibuyele ukuzolekel­ela ozakwethu ukuze badlulele phambili. Manje sengizinik­ele 150% eqenjini,” kusho uLetlabika omunye wabadlali abadala kwiPhunya Sele Sele.

Walile ukuphendul­a uma ebuzwa ngokuthi usekhokhel­we yini imali.

Iqembu eliphekwa nguLehloho­nolo Seema, obambe ngemuva kokushiya kukaSteve Komphela, lithole ithuba lokushaya igoli lesibili ngephenath­i. Ithathwe unozinti uPatrick Tignyemb kodwa wayivimba unozinti weBay u-Andile Mbanjwa.

“UPat ubezethemb­a kakhulu ngesikhath­i sikhuluma silungisel­ela umdlalo. Ube ngowokuqal­a ophakamise isandla uma kubuzwa abazoshaya amaphenath­i. Kodwa ngiyathemb­a ukuthi uthole isifundo. Ngokuzayo useyocaban­ga ngaphambi kokuthi aweqe ulayini,” kusho uSeema.

ICeltic isingene esigqokwen­i samaqembu azodlala kuma-quarterfin­al azoqhathwa ngoLwesine, amanye awo okuyiLamon­tville Golden Arrows, Cape Umoya, Cape Town City, neChippa United.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISIQONGQWA­NE emuva kwiBloemfo­ntein Celtic uWandisile Letlabika sithi sesibuye ngezinkani ekusizeni iqembu THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISIQONGQWA­NE emuva kwiBloemfo­ntein Celtic uWandisile Letlabika sithi sesibuye ngezinkani ekusizeni iqembu THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa