Isolezwe

Ithuba lokulungis­a amaphutha kwiBucs

- LUNGILE MAJOKA

UKUHLULWA yi-Esperance ekuhambeni emdlalweni weCAF Champions League, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, wakhuluma ngokuvuka bazithathe bazikhombi­se ukuthi baqine kangakanan­i ngokomqond­o.

Wayesho ebalula imidlalo yabo emibili esele emaqoqweni eChampions League okumele bayinqobe noma ikanjani uma bezimisele ngokudlule­la kumaquarte­rfinal alo mqhudelwan­o.

Kodwa ukuqina kwePirates nokulambel­a ukubhekana nezinselel­o ezingama endleleni yayo yokuba wompetha, akugcini nje kuphela kwiChampio­ns League, kumele ikhombise amangwevu afanayo emdlalweni wayo ozayo kwi-Absa Premiershi­p.

AmaBhakhan­iya azovakashe­la iSuperSpor­t United eMbombela Stadium ngoLwesith­athu ngo7.30 ebusuku. Kumele iwathole egcwele amaphuzu ukuze ingagudluk­i emaqenjini ebanga nawo isicoco seligi, okuyiBidve­st Wits ezihola phambili kwi-log ngamaphuzu awu-37, neMamelodi Sundowns esendaweni yesibili ngamaphuzu awu-34.

IBucs isendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-33. Ukuqhuzuka kwayo kungenzeka izithole isala ngegebe elithe ukuvuleka uma iSundowns ingaqoqa amaphuzu amathathu kwiPolokwa­ne City abadlala nayo kusasa eLoftus Versfeld.

ISundowns izobe isidudulan­a neWits ngoMgqibel­o okuwumdlal­o okungenzek­a uguqule ukuma kwezinto esicongwen­i se-log. Ngosuku olufanayo iPirates izodudulan­a naMaZulu FC.

“Kumele sibuye sikhombise ukuqina. Sigxile emdlalweni wethu olandelayo ekhaya wango mhla ka 20 (ngoLwesith­athu) okuyiwona esiwubheki­le njengamanj­e,” kusho uMicho ngemuva kokushaywa yi-Esperance ngo 2-0.

IPirates ibisidlale kabili ingawini kwiligi, ibambane neKaizer Chiefs ngo 1-1 ekubeni yathola umphumela ofanayo kwiBaroka FC.

Lokhu kulahla amaphuzu yikhona okwenza yazithola igudluka endaweni yesibili lapho ibikhona, kwakhuphuk­a amaBrazili­ans.

Mhlawumbe okuzonikez­a ithemba abalandeli ngomdlalo wezabo neSuperSpo­rt, wukuthi kowomlenze wokuqala eZimnyama zadlula ngo 3-1.

Lena yisizini yesibili kaMicho ngemuva kokuqeda edlule endaweni yesibili. Sebephunyu­kwe isicoco seMTN 8, Telkom Knockout neNedbank Cup. Sekusele iligi kuleli neChampion­s League kwabasenga­kwazi ukulwela ukuzinqoba okungajabu­lisa abalandeli abagcina ukubona iqembu labo liphakamis­a indebe ngeNedbank Cup ngo-2014.

 ?? Isithombe: BACKPAGPEP­IX ?? UMDLALI weCell C Sharks uMakazole Mapimpi omunye wabadlali abashaye ama-try iSharks ishaya iSunwolves eSingapore ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGPEP­IX UMDLALI weCell C Sharks uMakazole Mapimpi omunye wabadlali abashaye ama-try iSharks ishaya iSunwolves eSingapore ngempelaso­nto
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI we-Orlando Pirates usebheke imidlalo yeligi ngemuva kokuhlulwa yi-Esperance ukuze bangasali emaqenjini ahumba isicoco se-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI we-Orlando Pirates usebheke imidlalo yeligi ngemuva kokuhlulwa yi-Esperance ukuze bangasali emaqenjini ahumba isicoco se-Absa Premiershi­p

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa