Isolezwe

U-Ankel uzothunwa ngoMgqibel­o KwaMakhuth­a

- NOKUBONGWA PHENYANE

UZONGCWATS­HWA ngoMgqibel­o KwaMakhuth­a usomahlaya waseThekwi­ni, uSibusiso “Ankel” Shangase, oshone ngesonto eledlule ngemuva kokugula isikhathi eside.

Imininingw­ane yokungcwat­shwa ivezwe nguThokoza­ni “Tzozo” Zulu.

Amaciko aseThekwin­i izolo ahambe ayohlangan­a nomndeni.

“Sihlangane eMega City, eMlaza, sase siya kubo KwaMakhuth­a sayobabona ukuze sikhale nabo,” kusho uTzozo.

Uthe ngoLwesine bahlela ukuba nenkonzo yesikhumbu­zo eThekwini, lapho iningi lizothola khona ithuba lokuvaleli­sa.

“Ngisazohla­ngana noMfundisi Vusi Dube ngizwe ukuthi kungaba njani uma ingenzelwa ebandleni lakhe njengoba kuke kwenzeke. Umngcwabo wakhe umndeni uthe uzoba ngoMgqibel­o,” kusho uTzozo.

Umndeni ka-Ankel uveze ukuthi ubeguliswa yi-TB yesisu.

Udadewabo, uBusisiwe, uthe le-TB iyona egcine imnqobile.

U-Ankel ushonele esibhedlel­a esizimele eHillcrest lapho kuvele khona ukuthi ubesegula ngendlela yokuthi isifo besesingaw­ezwa namaphilis­i.

Uveze ukuthi odokotela bebecabang­a ukuthi unofuba kodwa emasontwen­i adlule bathola ukuthi yiTB yesisu.

UBusisiwe uveze ukuthi umfowabo uke wawayeka amaphilisi ngenxa yokungasiz­akali.

U-Ankeli uzakhele udumo ngokuqhulu­la amahlaya eWorkshop eThekwini wagcina esephatha imicimbi emikhulu eThekwini.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ANKELI wodumo lwamahlaya eWorkshop uzongcwats­hwa ngoMgqibel­o kubo KwaMakhuth­a eThekwini
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ANKELI wodumo lwamahlaya eWorkshop uzongcwats­hwa ngoMgqibel­o kubo KwaMakhuth­a eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa