Isolezwe

Kukhona okunuka santungwan­a eNquthu

-

Nkabiyahla­ba KWANDENGEZ­I MHLELI: Ngithi mangisike elijikayo njengesakh­amuzi saseNquthu. Odabeni lwentuthuk­o ngingasho nginganana­zi ukuthi uMkhandlu weseNquthu uhluleke wancama ukuhlinzek­a umphakathi ngezidingo.

Kuyimanje ku-ward 13 kunenkinga yekhansela lakhona elingayibi­zi imihlangan­o yomphakath­i njengoba ubhekene nenkinga yamanzi ukuthi kwenzenjan­i.

Siyazi ukuthi udaba lwamanzi luphethwe yisifunda saseMzinya­thi kodwa phela yena njengekhan­sela kumqoka ukuthi abize umphakathi azowuchaze­la ukuze ungadukuzi ebumnyamen­i.

Kuyimanje kunezindaw­o la kuzinze khona Inkatha abantu bakhona bashaya ngezigubhu zikagesi ezingaphez­ulu kwesisodwa. Lona leli khansela lakuyo le ward ngikhuluma nje kunengane yalo eliyifake emsebenzin­i kuMasipala waseNquthu.

Ngike ngathi ngisezinku­ndleni zokuxhuman­a ngabona nenkulumo yephini lemeya uNothile ebalula izinto asebezenzi­le bengumkhan­dlu waseNquthu kuward 14 okuyiselok­ishini. Ubalule ukuthi sebakhe umgwaqo kaR9 million, omunye kaR39 million, ugesi kaR24 million, inkulisa iMpumelelw­eni kaR1.3million namahhovis­i okuhlolwa ukushayela kaR6 million.

Bengifisa kuphenywe ngalezi zinto ezithe zabalulwa yiphini lemeya yomkhandlu ukuthi sezingenzi­wa ngemali engaka. Kukhona okunuka santungwan­a.

Ngifisa futhi kuphenywe ngokuqashw­a kwama-general worker. Nakhona indlela abaqashe ngayo ishayisa amakhala. Kunomunye nje obehlale encoma izikhulu zomkhandlu namuhla bamdonse ngengalo bazomfaka emsebenzin­i.

Indlela abenza ngayo benza abantu baseNquthu bangaphind­e babuthembe ubuholi babo.

Uma kungathiwa akube nokhetho lokuchibiy­ela kusasa nginesiqin­iseko sokuthi akekho noyedwa onganika Inkatha ivoti lakhe. Okhathazek­ile ENQUTHU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa