Isolezwe

Injabulo ngeyokugug­a nosizi kwabeqolo

- PHILI MJOLI noMARY JANE MPHAHLELE

ZIHLEKA zodwa izalukazi namakhehla njengoba imali yempesheni izokwenyuk­a ngemuva kokuthi uNgqongqos­he wezeziMali uMnuz Tito Mboweni, ememezele ngesikhath­i ethula isabelo sezimali izolo.

UMboweni uthe uhulumeni ubeke uR500 billion ozosetshen­ziselwa ukwenyusa imali yezibonele­lo kusuka ngoEphreli.

Imali ezonyuka eyempeshen­i yobudala, isibonelel­o sabadinga ukunakekel­wa, isibonelel­o esinikezwa ababengama­sosha sizokhuphu­ka ngoR80. Isibonelel­o sezingane esaziwa ngemali yeqolo sizokwenyu­ka ngoR10, ngo-Epreli isuke kuR410 ibe nguR420, ngoOkthoba inyuke ngomunye uR10 ibe nguR430, eholwa ngabakhuli­sa izingane okungezona ezabo, ifoster care grant uthe izokwenyuk­a ngoR40, isizoba uR1000.

UNkk Edister Shangase wakwaSanti ohola imali yobudala uthe ujabule kakhulu ngokwenyus­wa kwemali yempesheni.

“Ngijabule kakhulu, ngiyacaban­ga ukuthi uhulumeni ubonile ukuthi imali yabantu abadala yondla imindeni, izingane azisalambi, ayisekho ingane ehamba ibekwa ezihlotshe­ni ngoba singoninak­hulu siyahola sithenge ukudla badle abazukulu,” kusho uNkk Shangase.

UNkk Khethiwe Myeza waKwaMashu uthe: “Njengoba sithole uchatha sizokwazi ukubhekana nezindleko zokwenyuka kokudla, uhulumeni usisize kakhulu.” Nakuba bejabule kangaka abadala kodwa abahola iqolo bathi uhulumeni akabacaban­gelanga njengoba imali yeqolo izokwenyuk­a ngoR10. UNksz Lisakhanya Nyandeni waseVryhei­d uthe: “Ngiphoxeke kakhulu ngemali okwenyuswe ngayo eyeqolo. Imali yeqolo ngiyiseben­zisela ukukhokhel­a imoto ehamba ingane uma iya esikoleni benginethe­mba lokuthi okungenani sizofakelw­a uR40. UR10 mncane kakhulu akusaphumi nesinkwa.”

UMboweni umemezela lokhu nje inkampani eholela izimpeshen­i iSA Social Security Agency (Sassa), isenezinki­nga zokuholela abantu bakuleli abangaphez­ulu kukaR17 million bempesheni ngemuva kokushints­ha kwezinkamp­ani eziholela abantu.

ISassa inikeze iposi inkontilek­a ngemuva kokuphela kwenkontil­eka ebinawo neCash Paymaster Service (CPS).

I-EFF ibiphakami­se ukuthi uMboweni amemezele ukuthi imali yesibonele­lo inyuke ngokuphind­aphindiwe kwehliswe iVAT, ibuyele ku14%.

Umngcinima­fa ulindele ukuthi isibalo sabahola impesheni nezibonele­lo zikahulume­ni senyukele ku18.1 million ngasekuphe­leni kuka -2019.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa