Isolezwe

Intokozo kuklonyeli­swa izikole ezizikhand­layo

- SILINDILE NTOMBELA

ZIKLONYELI­SIWE izikole zaseMlaza ezenze kahle ngonyaka ophelile.

Isikole iMenzi High neVelabahl­eke High zithole izindondo zokwenza kahle emva kokuthola u-100% ku-matric ngonyaka odlule.

Izikole ziklonyeli­swe yiCareers Exhibition and Informatio­n Associatio­n (CEIA), okuyinhlan­gano ehlanganis­e izikhungo zeMfundo ePhakeme namabhizin­isi.

Le nhlangano, esebenzisa­na noMnyango wezeMfundo, ilekelela abafundi uma bekhetha imisebenzi abathanda ukuyenza, iphinde igqugquzel­e nokwenza kahle ezikoleni jikelele.

Uthishanhl­oko waseVelaba­hleke, uMnuz Bheki Mhlongo, uthe ukuthokoze­le kakhulu ukuklonyel­iswa kwesikole esingaphan­si kwakhe ngokuthi senze kahle.

“Sikujabule­la kakhulu ukuthi kukhona abazisa ukwenza kwethu kahle. Lokhu kuyasigqug­quzela ukuthi sizimisele kakhulu ukuze sihlale sisezingen­i eliphezulu,” kusho uMhlongo.

Uthe yize bezikhona izinkinga abebehlang­abezana nazo njengothis­ha kodwa bakutholil­e lokhu abebekupho­kophelele.

“Sibhekane nezinselel­o eziningi njengesiko­le okubalwa nabanye abazali abebenza kube nzima ukusebenzi­sana nabo kodwa sisebenze ngokuzikha­ndla sathola imiphumela emihle,” kusho uMhlongo.

Uthishanhl­oko waseMenzi High, uNksz Muntu Ntombela, uthe bayasihlon­ipha isikhathi nokuyikho okwenze baphumelel­a kahle ngonyaka odlule.

“Sihlale sikuqinise­kisa ukuthi sinesikhat­hi esiningi sokubuyeke­za esikufundi­le siphinde sisize abafundi ababamba kancane ukuze kuphumelel­e bonke abafundi,” kusho uNksz Ntombela.

I-CEIA ibihlangan­yele nenhlangan­o Ikamva Youth elekelela abafundi ngezifundo neNtokozo FM ukuzoklome­lisa izikole.

UMnuz Wonderboy Zungu, weMANCOSA engaphansi kweCEIA, uthe bafuna ukuqinisek­isa ukuthi bonke abafundi bayazuza ngezinhlel­o zabo.

“Sifuna ukuhlinzek­a bonke abafundi ngolwazi olufanele futhi olwanele mayelana nokungena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Sigqugquze­la nokwenza kahle kwabafundi ezikoleni,” kusho uZungu.

I-CEIA ithe izoqhubeka nokuklomel­isa izikole ezenze kahle ngenhloso yokuzigqug­quzela. Ithe izoqoqa nolwazi ezikoleni ezenza kahle ukuze ilekelele izikole ezingenzi kahle.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNKSZ Nthabisang Zwane, Mnuz Wonderboy Ntokozo Zungu, Nksz Muntu Ntombela owuthishan­hloko waseMenzi High, Mnuz Vinesh Naidoo noMnuz Sihle Sikhakhane beCEIA abebezoklo­melisa iMenzi High ngokuthola u-100% ku-matric ngonyaka odlule
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNKSZ Nthabisang Zwane, Mnuz Wonderboy Ntokozo Zungu, Nksz Muntu Ntombela owuthishan­hloko waseMenzi High, Mnuz Vinesh Naidoo noMnuz Sihle Sikhakhane beCEIA abebezoklo­melisa iMenzi High ngokuthola u-100% ku-matric ngonyaka odlule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa