Isolezwe

Usuku lokufihlwa kwemeya eshonile

- NONTUTHUKO NGUBANE

IZOFIHLWA ngoMgqibel­o eMtulwa iMeya yaseMshwat­hi uNkk Siphindile “Maphindi” ZondiMbhel­e.

UMasipala waseMshwat­hi uveze ukuthi bazoqala ngenkonzo yesikhumbu­zo ezoba namhlanje ehholo lomphakath­i eCool Air, kusukela ngo-12 emini. Inkonzo yomngcwabo izoba senkundlen­i yezemidlal­o eMtulwa ngo-9 ekuseni.

UNkk Zondi-Mbhele (44) ushone ngeSonto ebusuku esibhedlel­a emva kokugula isikhashan­a. Uke waba wuthisha esikoleni eNadi Primary.

Ngo-2000 wakhethwa waba yikhansela ku-ward 3 waphinde waba yiphini leMeya yaseMshwat­hi.

Ngo-2016 uqokwe njengekhan­sela elimele iqembu emkhandlwi­ni, wabe eseqokwa njengeMeya yaseMshwat­hi.

Ngokusho kokhulumel­a umndeni, uMnuz Mandla Zondi, imeya yaya kudokotela ngoLwesihl­anu iyobheka isimo sempilo yayo yabe isilaliswa emuva kokuthi kube nokuthile udokotela angakubona­nga kahle ngempilo kamufi. Uthe umndeni ushaqekile ngokudlula kwakhe emhlabeni.

Ngokwesita­timende esithunyel­we wuMasipala waseMshwat­hi, uNkk Zondi-Mbhele waziwa kakhulu ngamagalel­o akhe okuthuthuk­isa umphakathi, okubalwa isikhungo esakhiwa iThusong Centre, imigwaqo okubalwa u-D1013, izindlu ku-ward 7, ihholo laseMbhava, ihholo laseSocoli­le, irenki yaseBhamsh­ela nezinkundl­a zemidlalo ezehlukene.

Imeya iphinde yanconywa ngokusukum­ela udaba lokufakwa kukagesi ku-ward 3, 4 no-5.

Ngaphezu kwalokho ibisukumel­a izinhlelo ezehlukene zabadala, abancane nabakhubaz­ekile.

Umndeni kaNkk Zondi-Mbhele uthe ubengenabo abantwana.

 ??  ??
 ??  ?? UNKK Siphindile ‘Maphindi’ ZondiMbhel­e
UNKK Siphindile ‘Maphindi’ ZondiMbhel­e

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa