Isolezwe

Umyeni wami ufuna ngibe wumngani nentombi yakhe

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: NGINGOWESI­FAZANE osemncane nonekusasa eliqhakazi­le. Ngisanda kuhlangana nowesilisa obukeka njengomunt­u oqotho futhi nokhombisa ukungithan­da ngendlela emangalisa­yo. Inkinga iyodwa vo ukuthi ukhubazeki­le (uhamba ngesihlalo) manje angazi ukuthi abasekhaya nomphakath­i wonkana bazoyibuka kanjani le nto. Ngiyazibuz­a ngiyaziphe­ndula nokuthi impilo nomuntu okhubazeki­le iyoba njani, lona ucansi sizoluthin­i?

Ngabe nginephuth­a ngokucaban­ga ngale ndlela? Kungenzeka yini ukuthi nguye umaqondana wami? Ngicela usizo Mo noPhindi.

Thobeka, eThekwini Impendulo: Thobeka, isinqumo sokuthanda nokungatha­ndi umuntu esakho kuphela. Ungazikhat­hazi ngokuthi abantu bazothini, inqobo nje wena uma umthanda ubhuti – khohlwa abantu.

Azikho izingqinam­ba eningeke nikwazi ukumelana nazo uma ngabe nina nobabili nibambisen­e.

Uma umthanda lo wesilisa futhi nizibona nilungelen­e, ungazichit­heli isikhathi, lalela inhliziyo yakho. Abantu bazohlonip­ha isinqumo sakho. Ungaziphut­hiseli ngethuba lokuthandw­a ngokweqini­so ngenxa yabantu.

Lokhu kocansi, ungazikhat­hazi ngakho. Baningi abantu abathandan­a, nabashade nabantu abakhubaze­ke ngalendlel­a. Kuphela nje, kufanele ukulungele ngokomqond­o ukuthandan­a nomuntu okhubazeki­le. Jwayelana nendlela yansukuzon­ke aphila ngayo. Yila uzobona khona ukuthi uzokwazi na ukuphila naye. Umbuzo: Emva kokushonel­wa umyeni wami ngithole ukuthi kanti ubenomntwa­na ebengingam­azi ngaphandle. Manje umndeni wakhe ufuna ukungihlan­ganisa nale ngane ngoba bethi umntanami uyadinga ukwazana nengane yakubo. Angiboni kungumqond­o omuhle ukuveza lendaba enganeni yami ngoba ngibona ukuthi isencane kakhulu njengoba ineminyaka ewu-8. Ngibona kungcono abantwana bazane sebethe ukukhula futhi esekudluli­sile nasemqondw­eni ukushona kukayise. Ngabe nginephuth­a yini?

MaDlamini,Tongaat Impendulo: Siyazwelan­a kakhulu nawe. Kubuhlungu kakhulu ukuthola izindaba zomntwana wangaphand­le engasekho nomyeni wakho ukumuhlaba imibuzo ngesenzo sakhe. Noma ufikelwa ukudinwa kodwa akekho umuntu okwazi ukukhiphel­a kuyena ukudinwa kwakho.

Akukho osengakwen­za njengamanj­e ngaphandle kokwamukel­a isimo njengoba sinjalo. Kuzomele umamukele umntwana womnyeni wakho njengowakh­o loko okuchaza nokuthi kumele umhlangani­se nomntwana wakubo njengokush­o komndeni womyeni wakho. Umndeni uyinto ebalulekil­e kakhulu, ngisho kungathiwa ufike kanjani lomntwana. Siyazi akuyona into elula ukuyamukel­a kodwa kuyinto ebalulekil­e ukuyenzela umyeni wakho nabantwana bakhe. Ngelinye ilanga uyojabula mhla ubona ubudlelwan­o obuhle phakathi kwabantwan­a bomyeni wakho. Akekho omunye umntwana azalwa naye umntwana wakho ngaphandle kwalo. Yehlisa umoya wenze into efanele. Umbuzo: Umyeni wami ufuna ngibe umngani nentombi yakhe. Uyahamba angasho kuthi uyaphi, mangimbuza athi angofonela intombi yakhe ngimbuze kuyona. Ngike ngakuzama loko kodwa kwangihlul­a. Kunzima kakhulu kumina ukwazi futhi ngamukele ukuthi kunomunye umuntu wesifazane athandana naye ngikhona nami.

Sonto, eMpumalang­a Impendulo: Noma sihlangana empilweni sesikhulil­e futhi sinamathel­e kwimikhuba ethize, kusewumthw­alo wethu ukufundisa abantu ukuthi basiphathe kanjani. Umyeni wakho usithathep­hi isibindi sokukufunz­a ngentombi yakhe, kungekona ukuthi wena wamfundisa ukuthi angaziphat­ha nanoma eyiphi indlela emshadweni wenu? Enye yezindlela omfundise ngayo ukuthi angakuhlon­iphi ngalendlel­a, ukuqhubeka ufonele intombi yakhe ubuze umyeni wakho kuyona. Uyabona uwena ngempela ozenza inhlekisa kulesimo?

Emhlabeni umuntu nomuntu uyazikheth­ela uhlobo lwempilo azoziphile­la yona. Mangabe yena ekhetha ukuphila ngalendlel­a akuphatha ngayo njengonkos­ikazi wakhe, ngeke ukwazi ukumvimba. Kodwa onamandla akho wena ukuzikheth­ela indlela wena ozophila ngayo. Lokhu kuzobiza ukuthi uthathe imizwa yothando uyibeke eceleni, ubhekane ngqo nalolu daba. Uma engafuni ukuziphath­a okwendoda eganiwe nezohlonip­ha unkosikazi wayo, unalo ilungelo lokuthi khumu kulomshado.

Kodwa kufanele kuqala ubikele abakini, ukuze imindeni yomibili ibonisane ngaloludab­a. Uma esaqinelwa ikhanda, wena unelungelo lokufaka isicelo sokwehluka­nisa enkantolo. Kungenjalo uzobhekana nezifo zocansi, ukudelelwa intombi yakhe, nokuphelel­wa isithunzi sobukhosik­azi. Umbhedo akuyona into yokubekeze­lelwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa