Umyeni wami ufuna ngibe wumngani nentombi yakhe
EZOTHANDO
UMBUZO: NGINGOWESIFAZANE osemncane nonekusasa eliqhakazile. Ngisanda kuhlangana nowesilisa obukeka njengomuntu oqotho futhi nokhombisa ukungithanda ngendlela emangalisayo. Inkinga iyodwa vo ukuthi ukhubazekile (uhamba ngesihlalo) manje angazi ukuthi abasekhaya nomphakathi wonkana bazoyibuka kanjani le nto. Ngiyazibuza ngiyaziphendula nokuthi impilo nomuntu okhubazekile iyoba njani, lona ucansi sizoluthini?
Ngabe nginephutha ngokucabanga ngale ndlela? Kungenzeka yini ukuthi nguye umaqondana wami? Ngicela usizo Mo noPhindi.
Thobeka, eThekwini Impendulo: Thobeka, isinqumo sokuthanda nokungathandi umuntu esakho kuphela. Ungazikhathazi ngokuthi abantu bazothini, inqobo nje wena uma umthanda ubhuti – khohlwa abantu.
Azikho izingqinamba eningeke nikwazi ukumelana nazo uma ngabe nina nobabili nibambisene.
Uma umthanda lo wesilisa futhi nizibona nilungelene, ungazichitheli isikhathi, lalela inhliziyo yakho. Abantu bazohlonipha isinqumo sakho. Ungaziphuthiseli ngethuba lokuthandwa ngokweqiniso ngenxa yabantu.
Lokhu kocansi, ungazikhathazi ngakho. Baningi abantu abathandana, nabashade nabantu abakhubazeke ngalendlela. Kuphela nje, kufanele ukulungele ngokomqondo ukuthandana nomuntu okhubazekile. Jwayelana nendlela yansukuzonke aphila ngayo. Yila uzobona khona ukuthi uzokwazi na ukuphila naye. Umbuzo: Emva kokushonelwa umyeni wami ngithole ukuthi kanti ubenomntwana ebengingamazi ngaphandle. Manje umndeni wakhe ufuna ukungihlanganisa nale ngane ngoba bethi umntanami uyadinga ukwazana nengane yakubo. Angiboni kungumqondo omuhle ukuveza lendaba enganeni yami ngoba ngibona ukuthi isencane kakhulu njengoba ineminyaka ewu-8. Ngibona kungcono abantwana bazane sebethe ukukhula futhi esekudlulisile nasemqondweni ukushona kukayise. Ngabe nginephutha yini?
MaDlamini,Tongaat Impendulo: Siyazwelana kakhulu nawe. Kubuhlungu kakhulu ukuthola izindaba zomntwana wangaphandle engasekho nomyeni wakho ukumuhlaba imibuzo ngesenzo sakhe. Noma ufikelwa ukudinwa kodwa akekho umuntu okwazi ukukhiphela kuyena ukudinwa kwakho.
Akukho osengakwenza njengamanje ngaphandle kokwamukela isimo njengoba sinjalo. Kuzomele umamukele umntwana womnyeni wakho njengowakho loko okuchaza nokuthi kumele umhlanganise nomntwana wakubo njengokusho komndeni womyeni wakho. Umndeni uyinto ebalulekile kakhulu, ngisho kungathiwa ufike kanjani lomntwana. Siyazi akuyona into elula ukuyamukela kodwa kuyinto ebalulekile ukuyenzela umyeni wakho nabantwana bakhe. Ngelinye ilanga uyojabula mhla ubona ubudlelwano obuhle phakathi kwabantwana bomyeni wakho. Akekho omunye umntwana azalwa naye umntwana wakho ngaphandle kwalo. Yehlisa umoya wenze into efanele. Umbuzo: Umyeni wami ufuna ngibe umngani nentombi yakhe. Uyahamba angasho kuthi uyaphi, mangimbuza athi angofonela intombi yakhe ngimbuze kuyona. Ngike ngakuzama loko kodwa kwangihlula. Kunzima kakhulu kumina ukwazi futhi ngamukele ukuthi kunomunye umuntu wesifazane athandana naye ngikhona nami.
Sonto, eMpumalanga Impendulo: Noma sihlangana empilweni sesikhulile futhi sinamathele kwimikhuba ethize, kusewumthwalo wethu ukufundisa abantu ukuthi basiphathe kanjani. Umyeni wakho usithathephi isibindi sokukufunza ngentombi yakhe, kungekona ukuthi wena wamfundisa ukuthi angaziphatha nanoma eyiphi indlela emshadweni wenu? Enye yezindlela omfundise ngayo ukuthi angakuhloniphi ngalendlela, ukuqhubeka ufonele intombi yakhe ubuze umyeni wakho kuyona. Uyabona uwena ngempela ozenza inhlekisa kulesimo?
Emhlabeni umuntu nomuntu uyazikhethela uhlobo lwempilo azoziphilela yona. Mangabe yena ekhetha ukuphila ngalendlela akuphatha ngayo njengonkosikazi wakhe, ngeke ukwazi ukumvimba. Kodwa onamandla akho wena ukuzikhethela indlela wena ozophila ngayo. Lokhu kuzobiza ukuthi uthathe imizwa yothando uyibeke eceleni, ubhekane ngqo nalolu daba. Uma engafuni ukuziphatha okwendoda eganiwe nezohlonipha unkosikazi wayo, unalo ilungelo lokuthi khumu kulomshado.
Kodwa kufanele kuqala ubikele abakini, ukuze imindeni yomibili ibonisane ngaloludaba. Uma esaqinelwa ikhanda, wena unelungelo lokufaka isicelo sokwehlukanisa enkantolo. Kungenjalo uzobhekana nezifo zocansi, ukudelelwa intombi yakhe, nokuphelelwa isithunzi sobukhosikazi. Umbhedo akuyona into yokubekezelelwa.