‘Isigwaca singaba yisisombululo kubalimi’
ISIGWACA yinyoni abaningi abayazi ngokuthi izihlalela endle inganakwa kodwa le nyoni muva nje sekuvele ukuthi amaqanda ayo anothe ngezakhamzimba eziphindaphindwe kathathu uma eqhathaniswa nawenkukhu ejwayelekile, osekwenza ukuthi le nyoni ifuywe njengazo izinkukhu.
Emazweni aphesheya kunabalimi abafuye lezi zinyoni bengazifuyeli ubuhle kodwa bezifuyele ukuthi zikhiqize amaqanda nenyama. Kuleli ukufuya le nyoni akukandi kakhulu kodwa uMnuz Sibonelo Dladla owenza iMasters kwiPlant Phathology e-University of KwaZuluNatal, uthi ngokubona abantu bakuleli abakabi nalo ulwazi oluphelele mayelana nokuthi le nyoni izalela amaqanda anempilo adlula awenkukhu. UDladla kwiMasters yakhe ucwaninga ukuthi yimaphi amamicroorganisms atholakala ekudleni kwezilwane aholela ekutheni izilwane zigule nokuthi angancishiswa kanjani.
“Njengoba ngenza ucwaningo lwami ngihlangana nabantu abaningi engithola kubo ulwazi. Ngesikhathi ngenza ucwaningo lwami ngihlangana nomlimi ofuye lezi zinyoni saxoxa saze safinyelela ekutheni abantu bakuleli abanalo ulwazi olwenele ngale nyoni. Ngathatha isinqumo sokuthi ngibe nomkhankaso wokwandisa ulwazi mayelana namaqanda kanye nokufuywa kwale nyoni.
“Okwamanje umkhankaso wami awunagama ngoba akuyona into engizoyenza isikhathi eside ngifuna nje ukuthi abantu bazi bese bezithathela isinqumo sokuthi yini ebasebenzela kangcono.”
UDladla uthe inesisindo esinguhhafu wekhilogremu, ungayifuyela inyama noma amaqanda. “Le nyoni ingaba yisisombululo kwabaningi. Kuningi okwenza ukuthi ibonakale njengesisombululo sezinkinga kubalimi njengokuthi ayingenwa yizifo, ayidli kakhulu njengezinkukhu. Uma uyiqhathanisa nezinkukhu zamaqanda yona iqala ukuzalela inamasonto ayisithupha kanti izinkukhu zamaqanda ziqala ukuzalela ngemuva kwezinyanga ezinhlanu kuya phezulu. Ngasekudleni yona idla kancane futhi ayidingi indawo enkulu. Iqanda elizalelwa yile nyoni lincane uma uliqhathanisa nelenkukhu kodwa umsoco walo uphindaphindeke kathathu. Izalela zonke izinsuku kanti inkukhu kuyenzeka ingazaleli zonke izinsuku.”