Isolezwe

‘Isigwaca singaba yisisombul­ulo kubalimi’

- PHILI MJOLI

ISIGWACA yinyoni abaningi abayazi ngokuthi izihlalela endle inganakwa kodwa le nyoni muva nje sekuvele ukuthi amaqanda ayo anothe ngezakhamz­imba eziphindap­hindwe kathathu uma eqhathanis­wa nawenkukhu ejwayeleki­le, osekwenza ukuthi le nyoni ifuywe njengazo izinkukhu.

Emazweni aphesheya kunabalimi abafuye lezi zinyoni bengazifuy­eli ubuhle kodwa bezifuyele ukuthi zikhiqize amaqanda nenyama. Kuleli ukufuya le nyoni akukandi kakhulu kodwa uMnuz Sibonelo Dladla owenza iMasters kwiPlant Phathology e-University of KwaZuluNat­al, uthi ngokubona abantu bakuleli abakabi nalo ulwazi oluphelele mayelana nokuthi le nyoni izalela amaqanda anempilo adlula awenkukhu. UDladla kwiMasters yakhe ucwaninga ukuthi yimaphi amamicroor­ganisms atholakala ekudleni kwezilwane aholela ekutheni izilwane zigule nokuthi angancishi­swa kanjani.

“Njengoba ngenza ucwaningo lwami ngihlangan­a nabantu abaningi engithola kubo ulwazi. Ngesikhath­i ngenza ucwaningo lwami ngihlangan­a nomlimi ofuye lezi zinyoni saxoxa saze safinyelel­a ekutheni abantu bakuleli abanalo ulwazi olwenele ngale nyoni. Ngathatha isinqumo sokuthi ngibe nomkhankas­o wokwandisa ulwazi mayelana namaqanda kanye nokufuywa kwale nyoni.

“Okwamanje umkhankaso wami awunagama ngoba akuyona into engizoyenz­a isikhathi eside ngifuna nje ukuthi abantu bazi bese bezithathe­la isinqumo sokuthi yini ebasebenze­la kangcono.”

UDladla uthe inesisindo esinguhhaf­u wekhilogre­mu, ungayifuye­la inyama noma amaqanda. “Le nyoni ingaba yisisombul­ulo kwabaningi. Kuningi okwenza ukuthi ibonakale njengesiso­mbululo sezinkinga kubalimi njengokuth­i ayingenwa yizifo, ayidli kakhulu njengezink­ukhu. Uma uyiqhathan­isa nezinkukhu zamaqanda yona iqala ukuzalela inamasonto ayisithuph­a kanti izinkukhu zamaqanda ziqala ukuzalela ngemuva kwezinyang­a ezinhlanu kuya phezulu. Ngasekudle­ni yona idla kancane futhi ayidingi indawo enkulu. Iqanda elizalelwa yile nyoni lincane uma uliqhathan­isa nelenkukhu kodwa umsoco walo uphindaphi­ndeke kathathu. Izalela zonke izinsuku kanti inkukhu kuyenzeka ingazaleli zonke izinsuku.”

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa