Isolezwe

Bashiswe 5 kwashona ingane belele

- SILINDILE NTOMBELA

KUSOLWA isoka ngokungqon­gqisa abane belele endlini, kwashona nengane yalo (5) endaweni yaKwaDesai, ngaKwaNden­gezi, izolo.

Kulesi sigameko kushone uSinenhlan­hla Mkhwanazi (5) kanti unina, uNksz Zodwa Mkwanazi, udadewabo uNksz Sibongile Mkhwanazi nomlamu wakhe uMnuz Khanyisani Mpanza basesimeni esibucayi esibhedlel­a ngemuva kokusha.

Kuthiwa uNksz Mkhwanazi (Zodwa) uxabane noyise wengane yakhe ahlala naye eLuganda, wabe esebalekel­a kwaDesai emzini okuqashe kuwo udadewabo nesoka lakhe, lapho okwenzeke khona isehlo.

UNksz Sizakele Ndlovu wakulo muzi, uthe uNksz Mkhwanazi uqale waxabana noyise wengane yakhe, ngaphandle kwalo muzi.

“Baqale bahilizisa­na beme ngaphandle kwesango, belokhu bethukana. UZodwa wabe esebuyela endlini kasisi wakhe, wamvalela ngaphandle,” kusho uNksz Ndlovu.

Uthe owesilisa obebukeka ecasukile ube esesonga ngokuthi bazobona ukuthi bazophuma kuphi njengoba bemvalele ngaphandle wase wahamba.

“Ubuye ephethe isikhwama sengane yabo ebesinekha­di lasemthola­mpilo, isitifiket­i sokuzalwa nomfaniswa­no wesikole wayokubeka komunye umuzi oseduze nalapha waphinda wahamba,” kusho uNksz Ndlovu.

Uthe bekusezint­atha ngenkathi bezwa ukuqhuma okuvuse nabanye omakhelwan­e, okusolakal­a ukuthi bekungumab­onakude obususha.

“Ngesikhath­i sivuka sibone umnyango wegumbi labo uvutha kuphuma nentuthu. Bekuzwakal­a kancane amazwi abantu bememeza. Sizame ukuwuvula umnyango kodwa wangavulek­a kwaphoqele­ka ukuthi siwukhahle­le.

“Namanje into engiyibone ngenkathi kuvuleka umnyango inyantisa igazi. Bese bebucuke izikhumba bengakwazi nokuhamba, bagaqe ngamadolo baze bafika emnyango balala phansi bekhala ngokushise­lwa,” kuqhuba uNksz Ndlovu.

Uthe nezingane ezincane ezibone laba abane zizodinga ukwelulekw­a ngokwengqo­ndo ngoba isimo besihlasim­ulisa umzimba.

Uthe ngenkathi ebuza uSibongile ukuthi kwenzekeni, uphendule wathi umsolwa obashisile futhi ujwayele ukwenza izinto ezifana nale. Abane abashisiwe baphuthuny­iswe esibhedlel­a lapho kufike kwashona khona uSinenhlan­hla.

Ngenkathi Isolezwe lifika endaweni yesigameko lihogele iphunga likaphethr­oli ebelisemny­ango wegumbi okwenzeke kulo isigameko.

Umfowabo wezelamani zakwaMkhwa­nazi, uMnuz Jabulani Mkhwanazi uthe umndeni wakhe ukhungathe­kile ngesehlo esenzekile.

“Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu. Namanje angikwazi ukucabanga kahle. Okubuhlung­u kakhulu ukuthi sekudlule nengane emhlabeni,” kusho uMkhwanazi.

Umphakathi uthe ukhathazek­ile ngesigamek­o esinesihlu­ku esenzeke endaweni.

“Sithukile ngale nto eyenzekile ngoba asikaze sibe nezigameko ezifana nalesi kule ndawo.

Sifisa kube khona okwenzekay­o ngalokhu ngoba akumele kuphinde kwenzeke into efana nale,” kusho uNksz Ndlovu.

Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Reginald Cloete, lithe liyazwelan­a nemindeni elahlekelw­e.

“Ngiyathemb­a ukuthi amaphoyisa azosebenza ngokuzikha­ndla, ukuze kube khona ojezayo ngalokhu,” kusho uCloete.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukushiswa kwabantu abane, wathi bayaphenya.

 ??  ?? IGUMBI ebelisha ngenkathi kulele abantu abane phakathi
IGUMBI ebelisha ngenkathi kulele abantu abane phakathi
 ??  ??
 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? KUSALE izicubu zesikhumba ngaphandle kwegumbi ebelivutha ngenkathi kusha abane abebelele phakathi endlini, ngaKwaNden­gezi
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI KUSALE izicubu zesikhumba ngaphandle kwegumbi ebelivutha ngenkathi kusha abane abebelele phakathi endlini, ngaKwaNden­gezi
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa