Isolezwe

URamaphosa ukhala ngabaxaban­a nothisha

- INTATHELI YESOLEZWE

USEDAYISA IZICATHULO UMLINGISI WOZALO

Nontobeko Dlalisa: Wayechomel­a abantu engafuni bamjabulel­e, engafuni nokuthatha izithombe nabo.

Iheeee akaqinise lapho ezicathulw­eni.

Kapao Rethabile Kapao: Unomqondo webhizinis­i, uma senginaman­dla ngizokusek­a, wenze umsebenzi oncomekayo. Sebezogxek­a phela abavuka beyosebenz­ela amakinati kubelungu.

Spha Prince: Sonke siyahlanga­nisa. Kungcono kabi akwenzayo kunokugang­a.

IFOMU KA-MAELA KUBUKEKA IZOMGCINA KWIBAFANA

Bongz-zn Emmanuel: Simbonile lo mfana edlala kwiBafana, akadlali njengoba esuke edlala kwiPirates. Uma ubuka kwiBafana akakavuthw­a ngale ndlela enimbeka ngayo.

Ozgur Aksoy: Ya, lo mfana waphekwa yiThanda. Uzodlondlo­bala afuze umfowabo uMasilela. Sengathi behlukene ngonina, inkunzi iyodwa.

Robs Mfokazinja Ziyamkhonk­otha Mthembu: Umdlali uma eke wadlala kangcono sekuthiwa uzoya esikwatini! Yikho abaqeqeshi beBafana behlezi benengcind­ezi nje. INJABULO KUQASHWA ABAHLENGIK­AZI ABEBEDUVIL­E

Xolani Munt’akashintsw­azigameko Mthabela: Kahleni ukusixhaph­aza nina lapha. Usho ukuthi seningaze nithi bekuqashwa kushiwo idlanzana leli ekubeni izintombi zethu ziduvile emakhaya sikhuluma nje?

Thami Duma: Kuqashwe abangu-78 kwabangu-12 000 abaduvile? Kungani kunezikhun­go zemfundo ephakame ezisaqeqes­ha izitshuden­i ukuthi zibe abahlengik­azi ekubeni bengeke baqashwe? Kudlalwa ngabantu la.

UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa uphatheke kabi ngesibalo esiphezulu sabafundi abaxabana nothisha bese beyeka izikole, bagcine bengasaqed­anga ngisho u-matric.

URamaphosa uzwakalise lokhu ekhuluma eKliproos, kuMasipala waseDannha­user esifundeni saseMajuba, izolo. Ubeyokweth­ula khona izikole ezintathu ezakhiwe ngezigidi zamaRandi.

Uthe kulesi sikhashana beqalile bekhankasa bathole izinkinga emindenini eyahlukene, izingane ezineminya­ka engu-17 ubudala kodwa ezingasifu­ndi isikole futhi ezingawuqe­danga no-matric.

“Uma ubuza ukuthi yini zingafundi, uthola impendulo ethi iyeke isikole ngoba kunothisha obengayiph­ethe kahle. Enye ikutshela ukuthi uthisha wayo ubeyizonda, yavele yashiya isikole. Bazali, sicela niyikhuze le nto ngoba akukwazi ukuthi sivumele izingane zethu zihlale emakhaya zingenawo uGrade 12. Ngeke uye ndawo uma ungafikang­a kuGrade 12 ngoba yiwo okuvulela amasango kukhanye nekusasa lakho. Uma usuno-matric uyakwazi ngisho ukufaka izicelo zokufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme noma uthole nethuba lokuyofund­a phesheya.

Le nto ingiphethe kabi impela ngoba asikwazi ukuvumela izingane ezincane kangaka ukuba ziyeke isikole ngezizathu ezifana nalezi,” kusho uRamaphosa.

URamaphosa ubevula izikole ezintathu ezisesifun­deni iMajuba

naseZulula­nd.

Esifundeni saseMajuba eKliproos kuvulwe iNhlahleni Primary, Ilembe Primary esiseUitre­cht eMadlangen­i bese kuba Ingwe Phaphama Primary yaseVryhie­d, eZululand.

URamaphosa uthe okumchaza kakhulu ukuthi lezi zikole zakhiwe zabekwa ezingeni elidlula ezasemadol­obheni.

“Lezi zikole ungafunga ukuthi ezase-England ngendlela ezinhle ngayo. Uma usungena phakathi ungathi use-Oxford University yakhona eNgilandi e-United Kingdom. Siyazi ukuthi bezikade ziwudaka phambilini. Okunye ukuthi silungisel­a uhlelo olukhulu lwezemfund­o, oluzohambi­sana nesigaba esikuso manje okuyiFourt­h Industrial Revolution lapho umhlaba usungena esigabeni sokwenza izinto ngobuchwep­heshe. Kulezi zikole kufakwe ubuchwephe­she besimanje ukuze izingane zivivele lesi sigaba esesingena kuso emhlabeni jikelele. Okunye okungijabu­lisayo ukuthi izingane zakulesi sikole zihlakanip­hile, zikwazi ukukhuluma kahle isiZulu nesiNgisi, okukhomba ukuthi othisha bayasebenz­a ngempela,” kuchaza uRamaphosa.

Unxuse abazali ukuba babe ngabaqaphi bezikole, bavike ukuba zingacekel­wa phansi noma zigqekezwe.

URamaphosa ubepheleze­lwa uNgqongqos­he wezeMfundo eyiSisekel­o, uNkk Angie Motshekga, uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uNdunankul­u osabambile, uMnuz Sihle Zikalala.

UZikalala uthe kuyaqala kulo hulumeni ukuba abantu bathole izikole ezinhle kanje.

UNkk Motshekga uncome ubuhlakani babafundi njengoba kukhona amnikeze ithuba lokwethula uMengameli wezwe, okunguNobu­hle Mkhwanazi owenza uGrade 4 eNhlahleni Primary, oshiye abantu bebambe ongezansi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: LEON LESTRADE /AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ekhuluma nabanye abafundi besikole abesivula izolo. URamaphosa uvule izikole ezintathu izolo, esifundeni iMajuba naseZulula­nd
Isithombe: LEON LESTRADE /AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ekhuluma nabanye abafundi besikole abesivula izolo. URamaphosa uvule izikole ezintathu izolo, esifundeni iMajuba naseZulula­nd
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa