Isolezwe

Bayaveva ngengane ekhiyelwe ekilasini

-

uyise wengane.

Uthe unina wengane uhlabe umkhosi komakhelwa­ne bakhe bamfuna kwenye ingxenye yesigodi.

“Inkinga ebesinayo wukuthi izingane afunda nazo ezakude zigibela ibhasi. Bese kusebusuku kungaselul­a ukuthi siyobuza kuzo,” kusho yena.

Uthe ekuseni abanye abazali bahambe befuna baze bayofika esikoleni ngaphambi kokuthi isikole singene.

“Abafike kuqala esikoleni bathe bafice izingane ezihamba ngebhasi ezifunda naye okuyizo ezishilo ukuthi zimshiye ekilasini azazi ukuthi uphume nini. Uthisha ubethe uzolala khona uma engawuqedi umsebenzi wesikole. Amakilasi abengakavu­lwa ngaleso sikhathi kodwa abazali bangenile nabanye abafundi behamba bebheka bambona engaphakat­hi ekilasini. Umemezile ethi ucela usizo. Abebengaph­andle bathe akaphume ngefasitel­a waphendula ngokuthi akanawo amandla okugibela, kwangena umalume wakhe wamkhipha,” kusho yena.

Ubabekazi womfundi uthe: “Uthisha wengane uthe ubeyidlali­sa kusho ukuthi ingane yesabile ngempela futhi akuyena okhiye ekilasini ucele uzakwabo ukuthi akhiye. Unogada wasemini uthe bekunomsin­do wezinyoni akezwanga noma umfana uke wakhala yini. Ongena ebusuku uthe uhambe entathakus­a akayizwang­a ingane ikhala. Singabazal­i yini okumele siyikholwe lapha kodwa kuthiwa asimxolele uthisha libe lingakhulu­nywa iqiniso,” kusho yena.

UNksz Dumisile Maphanga osesigungw­ini esilawula isikole uthe uthisha kumele aboshwe akuselona udaba oludinga ukuxolisel­wa lolu.

“Angiboni ukuthi kumele sikhulume ngokuxolel­ana. Uthisha uphule umthetho akajeziswe ngendlela efanele ngaphakath­i emnyangwen­i aphinde abhekane nengalo yomthetho,” kusho uNksz Maphanga.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe bebengakez­wa ngalesi sigameko kungenzeka ukuthi udaba ludingidwa ezingeni lesekethe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa