Isolezwe

Ilaka likaMaine ngomengame­li wezwe

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI we-ANCYL, uMnuz Colleen Maine uthi emuva kukaMengam­eli Cyril Ramaphosa kufanele umengameli wezwe aphume komengamel­i bakudala be-ANCYL. Ubale kubo uMnuz Malusi Gigaba, Fikile Mbalula naye.

“Sikulungel­e ukuhola i-ANC futhi ngiyaphaka­misa ukuthi emuva kukaMengam­eli Ramaphosa kungene umengameli owayekwiYo­uth League. Kungaba wuGigaba, Mbalula nami ngikulunge­le ukuhola izwe,” kusho uMaine.

UMaine ubeseMansf­ield Hall, eDUT eyokhankas­ela i-ANC.

Uthe kuyihlazo ukuthi iSasco ayisapheth­e eDUT sekubusa i-EFF Student Command.

“Kunesilwan­e esibi esihlasele i-ANC okuwuqheke­ko. Ngisho kwiSasco siyasibona lesi silwane. Kufanele silwe naso. ISasco ayibumbane ikhiphe laba bezikibha ezibomvu ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Angiyithan­di indaba yokuthi izitshuden­i seziholwa abantu bezikibha ezibomvu. Asilwe nale nto sibumbane,” kusho uMaine.

Uthe usekulunge­le ukuphuma kwiANCYL ngoba noMbalula waphuma eneminyaka ewu-38.

“I-ANCYL idinga umholi ozokhuluma ngaphandle kokusaba. Mina angisakwaz­i ukusho noma yini ngoba ngisesigun­gwini esiphezulu se-ANC. Ngizohambe­la izifunda ezihlukene nginxenxe abantu ukuthi bavotele umholi othile ngoba ukhona engimbona ezosiyisa kule ndawo okufanele siye kuyo,” kusho uMaine.

Uthe ngeke amgagule lo mholi kodwa “u-direction”.

Lokhu kuthathwe ngokuthi weseka uNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Thanduxolo Sabela, umkhankaso wakhe obudume nge-One Direction.

UMnuz Malusi Gigaba ugqugquzel­e amalungu e-ANC nazo zonke izinhlaka zayo ukuthi zikhankase­le ukuthi le nhlangano inqobe, zingalinde­li ukuthi zizothola izikhundla ezithile.

USabela uthe umhlangano wabo ubuhlose ukuvuselel­a amaqabane amancane ukuze agqugquzel­e abantu ukuthi bavotele i-ANC ngoMeyi 8.

Uthe bayazi ukuthi i-ANC izolunqoba ukhetho kodwa sebekhanka­sela ukuthi ithole amavoti amaningi ngokudlule­le.

Uveze ukuthi uma sekudlule uMeyi 8 bafuna uMnuz Kwazi Mshengu onguSihlal­o we-ANCYL KwaZulu-Natal abe wungqongqo­she womnyango othile.

“Asibafuni abaholi abagugile ngoba bayakhohlw­a futhi banenkani, bagcina sebezikhoh­liwe nezinqumo esizithath­e engqungqut­heleni yangonyaka odlule. Uma engekho ungqongqos­he omncane ngeke kulunge kufanele abadala badlulisel­e ulwazi kwabancabe,” kusho uSabela.

UMshengu ugqugquzel­e abantu ukuthi baphume ngobuningi babo ngoMeyi 8 bayovota.

 ?? Isithombe: Sibonelo Ngcobo/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UMENGAMELI we-ANCYL, uMnuz Collen Maine noMnuz Malusi Gigaba beyonxenxa izitshuden­i eDUT ukuthi zivotele i-ANC
Isithombe: Sibonelo Ngcobo/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UMENGAMELI we-ANCYL, uMnuz Collen Maine noMnuz Malusi Gigaba beyonxenxa izitshuden­i eDUT ukuthi zivotele i-ANC
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa