Isolezwe

Kwethulwe uhlelo lukagesi eKokstad

- INTATHELI YESOLEZWE

UMASIPALA waseKoksta­nd uphothule umsebenzi oqinisekis­a ukuthi zonke izakhamuzi kulo masipala zihlinzekw­a ngogesi.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu, KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uvakashele lo mkhandlu ukuyokhany­isa ihlandla lokugcina likagesi emizini yezakhamuz­i ebisisele.

Ethula inkulumo, uNkk Dube-Ncube uthe okwenzeka eKokstad kuyigxathu eliya phambili ezinhlelwe­ni zesifundaz­we zokuletha izidingo ezifana nogesi kubantu ezindaweni zabantu ezazingana­kiwe.

“Lo masipala ungohamba phambili esifundazw­eni njengoba kungekho neyodwa iwadi engenawo ugesi,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Lolu hlelo lwethulwe phambi kwezinkumb­i zabantu abebegcwel­e endaweni yaseBhongw­eni Youth Centre.

Lo mcimbi ubuhanjelw­e yiziMeya yaseHarry Gwala uMnuz Mluleki Ndobe neyaseKoks­tad uMnuz Bheki Mtolo.

UNkk Dube-Ncube uthe akangabazi ukuthi ukuba nogesi komphakath­i kuzoyiguqu­la impilo nenhlalo yabantu kule ndawo kuvule amathuba amabhizini­si nomsebenzi.

Uthe lolu hlelo luzosiza kakhulu ukusheshis­a uhlelo lukahulume­ni wesifundaz­we lokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda emadolobhe­ni amancane, ukuze lawa madolobha akwazi nokuthi ahehe osozimboni kudaleke namathuba emisebenzi

“UMengameli wokuqala weNiningiz­imu Afrika ekhululeki­le, ubaba uNelson Mandela wasinikeza umyalelo wokuthi njengesizu­kulwane samanje esikulo msebenzi wokuhola uhulumeni, sinomthwal­o omkhulu wokuthi senze ukuhluphek­a nobubha bube wumlando empilweni yabantu bakithi. Wathi konke sekusezand­leni zethu,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Omunye wamalungu omphakathi ozwakalise ukujabula uNkk Nomahomba Mkhize (78), ungomunye wabahlomul­e ngogesi.

“Ngiyabonga ukuthi ekugcineni nakimi kufika ukukhanya kusuke ubumnyama. Sesizosiza­kala kakhulu ngoba nobugebeng­u banda kakhulu uma kumnyama. Njengoba sekuzongen­a ubusika nje ukuba khona kukagesi kuzosiphep­hisa nasezingoz­ini zokushiswa umlilo,” kusho uNkk Mkhize.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa