Isolezwe

Bazolishin­tsha ivoti abahlala emjondolo

- NONTUTHUKO NGUBANE

ABANYE abahlala emjondolo yakuKenned­y Road eThekwini bathi bazolishin­tsha ivoti labo, bavotele elinye iqembu njengoba abebelithe­mba libaphoxil­e.

Lokhu kuvele ngesikhath­i Isolezwe livakashel­e lo mphakathi oneminyaka uhlala emijondolo eseduze nalapho kulahlwa khona udoti.

UMnuz Simphiwe Ndlovu (25), oneminyaka emithathu ehlala kule ndawo uthe: “Ngiyaya impela ukuyovota ngoMeyi 8 nonyaka kodwa kulokhu ngizokwenz­a isiqinisek­o ukuthi ngivota ngicabangi­le, ngingenzi njengakuqa­la lapho ngavela ngavota nje. Iqembu engangiliv­otele ngaphambil­i ngeke ngisalivot­ela manje ngoba lingiphoxi­le langazigci­na zonke izethembis­o elazenza. Unanelwe uMnuz Sibusiso Nguse (36), osehlale endaweni iminyaka engu-20.“Ngiyangaba­za nokuyovota ngoba ayikho inhlangano engiyithem­bayo engibona ifanele ivoti lami. Kuneminyak­a ngivotela iqembu elilodwa kodwa isimo salapha asishintsh­i, nemisebenz­i ayikho. Uma kwenzeka ngagcina ngivotile ngeke ngisalivot­ela iqembu ebengihlal­a ngilivotel­a,” kusho uNguse.

UNksz Nosipho Ntetha (27), osehlale kuKennedy Road iminyaka emithathu uthe phezu kokuba ekubhalise­le ukuvota kodwa akaboni ukuthi uzovota.

“Kunzima kabi ukusuka emjondolo

uyovota ngoba impilo engcono awuyiboni ngakho umosha isikhathi sakho. Ngavota kabili empilweni yami kodwa alukho ushintsho engake ngalubona. Ngizozihla­lela nevoti lami ngiqhubeke ngizixakek­ele,” kusho uNksz Ntetha.

UNksz Kholeka Mthethwa (39), oneminyaka emihlanu ehlala endaweni nezingane zakhe ezinhlanu uthe uzovota okokuqala ngqa.

“Ngizovota ngoba ngifuna ukuqhubeka ngithole imali yesibonele­lo sikahulume­ni njengoba kuyiyona imali esiziphili­sa ngayo njengoba uyise wezingane wangishiya wahamba nabanye. Bengingavo­ti phambilini ngoba benginenki­nga kamazisi wami. Sengiyalaz­i neqembu engizolivo­tela, sengikheth­ile. Lelo qembu ngithemba lizongilet­hela impilo engcono nentuthuko,” kusho uNksz Mthethwa.

UMnuz Rogers Mthembu (57), osehlale iminyaka engu-19 lapha uthe: “Angikaze ngivote futhi ngeke ngivote nakulo nyaka. Uvota kanjani uhlala emjondolo enjena, ungakaze uyithole intuthuko? Angiliboni ikusasa elingcono ngokuvota. Ngizibambe­la amatoho ngondle izingane zami ezintathu, uhulumeni akukho engibone engenzela khona. Angiboni ukuthi ivoti lami longikhiph­a kule mijondolo. Leli qembu eliphethe lisahlulwa ukusakhela izindlu lapha kuKennedy Road. Ngeke nje ngivote,” kusho uMthembu.

Usomabhizi­nisi wendawo, uMnuz Sibusiso “T-zisto” Mkhwanazi, oneshisany­ama ebizwa ngeT-zisto & Thelo uthe uzovota.

“Ngizovota noma kanjani ngoba ngifuna umhlaba. Ibhizinisi lami alinayo indawo ekahle, alikwazi nokukhula kahle ngenxa yokuthi anginayo indawo. Ngifuna ngevoti lami kwenzeke umehluko, sithole nomhlaba esizoseben­za kuwo thina bosomabhiz­inisi abancane abasafufus­a,” kusho uT-zisto.

UMnuz Zakhele Ngubane (21), oneminyaka emihlanu ehlala kule ndawo uthe uzobe evota okokuqala. Uthe akakazi ukuthi iliphi iqembu azolivotek­a kodwa yena uzoya kovota ngoba yilungelo lakhe elikuMthet­hosisekelo.

 ??  ?? UMNUZ Simphiwe Ndlovu ohlala emkhukhwin­i kuKennedy Road, uthi akaluboni ushintsho kodwa uzoya kovota ngenyanga ezayo
UMNUZ Simphiwe Ndlovu ohlala emkhukhwin­i kuKennedy Road, uthi akaluboni ushintsho kodwa uzoya kovota ngenyanga ezayo
 ??  ?? UNKZS Kholeka Mthethwa oneminyaka emihlanu ehlala kuKennedy nezingane zakhe ezinhlanu, kusukela kwesobunxe­le uSimbonile Mthethwa, Asibonge Mthethwa no-Agcobile Mthethwa
UNKZS Kholeka Mthethwa oneminyaka emihlanu ehlala kuKennedy nezingane zakhe ezinhlanu, kusukela kwesobunxe­le uSimbonile Mthethwa, Asibonge Mthethwa no-Agcobile Mthethwa
 ??  ?? UNKZS Nosipho Ntetha ohlala kuKennedy ushaya phansi ngonyawo uthi akasayi kovota ngoba kudlalwa ngabo
UNKZS Nosipho Ntetha ohlala kuKennedy ushaya phansi ngonyawo uthi akasayi kovota ngoba kudlalwa ngabo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa