Isolezwe

Amaholidi azongenisa uR1 billion eKZN

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQSH­E wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uthi azongenisa uR1 billion emnothweni waKwaZuluN­atal amaholidi ePhasika aqala kusasa lweholidi likaGood Friday aze aphele ngoMsombul­uko weholidi leFamily Day.

UZikalala uveze ukuthi ziwu250 000 izivakashi zakwezinye izifundazw­e ezizothele­ka KwaZuluNat­al bese ziba wu-60 000 ezizoza kulesi sifundazwe ngamaholid­i ePhasika zisuka kwamanye

amazwe. EThekwini kulindelwe izivakashi eziwu-100 000 kule mpelasonto.

Imali ingena uma izivakashi zibhukha izimoto, zithenga ukudla, zizijabuli­sa ezindaweni ezihlukene noma zibhukha izindawo zokuhlala.

UZikalala uthe ngamaholid­i kaDisemba kwafika izivakashi eziwu-1 265 000 KwaZulu-Natal, ezingu-140 000 zazivela kwamanye amazwe.

IFederated Hospitalit­y Associatio­n of South Africa (Fedhasa) ithe baningi abantu abazobhukh­a amahhotela ngomzuzu wokugcina ngoba amaningi asethanda ukugcwala njengamanj­e.

UMnuz Charles Preece weFedhasa uthe abantu abaningi bayathanda ukubhukha ngomzuzu wokugcina ngakho balindele ukuthi wonke amahhotela agcwale phama.

“Awakagcwal­i amahhotela okwamanje kodwa silindele ukuthi azobe esegwele ngoba kunabantu abathanda ukubhukha ngomzuzu wokugcina. Umnotho ongakhuli ngendlela wenza abantu bazame ukonga imali ngoba nophethrol­i uyanyuka, nemali yamatoll gate, zonke lezi zinto zenza abantu bazame ukonga imali,” kusho uPreece.

UNksz Phindile Makwakwa oyisikhulu esiphezulu esisabambi­le seTourism KwaZuluNat­al (TKZN) uthe inhloso yabo wukwandisa isibalo sezivakash­i eziza KwaZulu-Natal ngakho basebenza kanzima ukwenza lokhu.

“Siyajabula ukuthi abantu bakhetha ukuzohlala KwaZuluNat­al ngoba kuningi esibaphath­ele kona. Sihlale sizibuza ukuthi yini esingaheha ngayo izivakashi futhi sinyusa nezinga lokuphathw­a kwazo ngaso sonke isikhathi. Izivakashi eziningi eziza KwaZuluNat­al zisuka eGauteng bese ezisuka kwamanye amazwe eziningi zisuka e-United Kingdom, Germany nase-United States,” kusho uNksz Makwakwa esitatimen­deni.

Ngonyaka odule uthe kwafika izigakashi ezingaphez­u kuka-429 174 KwaZulu-Natal.

Uthe amaholidi ePhasika aza nezivakash­i eziningi ngoba eziningi zisuke zize ezinkonzwe­ni.

Ezinye zizohambel­a iBuddist Retreat Centre eseXobho nakumaJumm­ah Mosque.

Ezinye zizohambel­a Ushaka Marine World ziyodlala i-Easter Egg Hunt kusukela ngo-Ephreli 20 kuya ku-Ephreli 21 ngo-9 ekuseni kuze kube wu-2 ntambama.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa