Isolezwe

Isexwayiso kubefundis­i ngokuminza kwamakholw­a

- INTATHELI YESOLEZWE

KUNXUSWA amakholwa nabefundis­i abazovakas­hela emabhishi ehlukene beyobhabha­disa ukuthi baqaphele ukuthi amanzi abangena kuwo awashoni kakhulu.

Kuthiwa ngalesi sikhathi sePhasika kunamaband­la abhabhadis­a abazalwane bawo olwandle okubeka engcupheni amakholwa nalabo abasuke bezobhabha­diswa abasuke bengawajwa­yele amanzi.

UMnuz Sputnik Ratau, okhulumela uMnyango wezaManzi nokuThuthw­a kweNdle, uthe nyakenye kube nesibalo esikhulu sabantu abaminze emifuleni, emadanyini nasolwandl­e ngalesi sikhathi.

“Ukwenyuka kwesibalo sabantu abashona ngenxa yokuthi babe nenkinga bebhukuda noma benza okuthile emanzini kuholele ekutheni siwumnyang­o siqinise umkhankaso wethu wokufundis­a ngokupheph­a emanzini, iWater Saftey Campaign,” kusho yena.

Uthe njengoba kungamahol­idi ePhasika iningi labantu lizochitha isizungu ezindaweni ezehlukene livakashel­e izihlobo nabangani. Kulezo zindawo kukhona amadamu, amachibi nemifula.

“Abazali mabaqaphel­e ukuthi izingane aziyi emifuleni ngoba kungenzeka zithi ziyobhukud­a ngoba zibona ezinye bese ziba nenkinga,” kusho yena.

Ucwaningo olwenziwe yiNyuvesi yaseKapa iCape Peninsula University of Technology neLifesavi­ng South Africa luveza ukuthi kunabantu abangu-100 000 eNingizimu Afrika abashona ngokuminza.

Ngokombiko wenhlangan­o yezempilo iWorld Health Organisati­on (WHO) wango-2012 kuvela ukuthi ukuminza kungezinye zezinto ezibulala abantu abashona ngokungeyo­na indalo emhlabeni. Uma kuqhathani­swa nezinye izifo ukuminza kungokwesi­thathu ezintweni ezibulala abantu ngokungeyo­na indalo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa