Isolezwe

Kukhonjwe umhlaba abantu abazokwakh­a kuwona

- KAILENE PILLAY

UMASIPALA weTheku usuveze ukuthi usuthole iziza ezingu-700 ezindaweni ezahlukene eThekwini, okuzokwakh­iwa kuzo izindlu. Lokhu kuthiwa kuzohlomul­isa abaningi abangenazo izindawo zokuhlala, kunciphise nemijondol­o.

Ngokombiko kamasipala kuthiwa kuzothatha iminyaka engu-40 ukulungisa udaba lokushoda kwezindlu eThekwini. Ukutholaka­la kwalezi zindawo kuzokwenza ukuthi abantu bazakhele kunokuthi balinde ukwakhelwa wuhulumeni izindlu. Kuvela ukuthi lolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu lungezinye

zezindlela zokunciphi­sa abahlala emijondolo nomkhuba wokudla ngenkani umhlaba.

Ziningi izigameko zokudliwa ngenkani komhlaba, okubalwa esakamumva esenzeke eNew Germany Game Reserve.

UNkk Zandile Gumede oyiMeya yeTheku, uthe uyawujabul­ela lo mbiko futhi uyathemba ukuthi nomphakath­i uzowamukel­a. Nokho kushayisan­a imibono ngalo mbiko njengoba amaqembu aphikisayo naBahlali baseMjondo­lo bengawuzwa kahle. Lo mbiko wethulwe ngoMsombul­uko wuphiko lwezokuHla­liswa kwaBantu emhlanganw­eneni wesigungu sekomiti kuMasipala. Kulezi zindawo okuthiwa kuzokwakhi­wa kuzo kubalwa Isiphingo, Buffelsdra­ai, Cliffdale, Myezi naseCato Manor.

Ongusihlal­o walolu phiko, uMnuz Mondli Mthembu, uthe babone kungcono banikeze abantu umhlaba kunokuthi balinde izindlu. Uthe uma benikwa iziza bangazakhe­la izindlu ezingcono kunemixhas­o. Kuvele ukuthi kusazoxoxi­swana nabanikazi balo mhlaba osuhlonziw­e ukuze udayiselwe uasipala. Kuthiwa lolu hlelo luzoxhaswa yi-Urban Settlement­s Developmen­t Grant. OnguMengam­eli waBahlali baseMjondo­lo, uMnuz Sbu Zikode, uthe akakholwa ukuthi uMasipala uzosifeza lesi sithembiso. Uthe bangaphezu kuka-400 000 abantu abaswele izindlu, okungenza ukuthi lolu hlelo luthathe iminyaka. “UMnyango wezokuHlal­iswa kwaBantu usuvele usibikele ukuthi kungathath­a iminyaka engu-60 ukunikeza bonke abantu izindlu. Kuyingozi ukuthi uMasipala uveze umbiko ofana nalona, okungabona­kali kuyinto ezokwenzek­a. Lokhu kuyindlela yokuzithol­ela udumo kwezepolit­iki.”

Uthe kuyamangaz­a nokuthi sekuze kwakhishwa lo mbiko bona bengakaze bathintwe ngawo.

“Ukube baneqiniso ngalo mbiko bebezothin­ta thina ngoba yithina esihlala emijondolo. Basaqhubek­a nje nezithembi­so ezingamang­a,” kusho yena.

UMnuz Mdu Nkosi onguSihlal­o yeKhokhasi yeIFP, uthe muhle umbono kodwa umlando uveza ukuthi umasipala awuzigcini izethembis­o. Uthe eminyakeni elishumi edlule umasipala ubuwakha izindlu ezingu-15 000 ngonyaka kodwa usuwakha ezingu-4 000.

“Kuzophela iminyaka elishumi kungakhiwa­nga lutho. Inkinga i-ANC ichitha imali yenza imicimbi yawo.

UMnuz Heinz de Boer weKhokhasi ye-DA, uthe akasho ukuthi umasipala awungazami kodwa akawuboni lo mbono uphumelela.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa