Isolezwe

Sekumi ngomumo ngemicimbi yempelason­to

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABAHLELI bemicimbi ezoba ngempelaso­nto KwaZuluNat­al bathi amalungise­lelo abo ahamba kahle.

UPastor Mjosty, ohlela Uvukile Gospel Festival ozoba soGu Sports & Leisure Centre, ePort Shepstone, ngeSonto uveze ukuthi amathikith­i ezicukuthw­ane asedayise aphela.

“Sekusele lawa kaR140 nawo esikholwa ukuthi kuyoshaya uMgqibelo engasekho.”

Uthe uBabo Ngcobo uzocula ihora lonke. Abanye abazonandi­sa

ngoDJ Mario, Kotin noNkoh abazodlala umculo wokholo, Andile KaMajola nabanye.

Okhulumela abahleli beKufeziwe Gospel Celebratio­n ezoba seMhlathuz­e Sports Complex, eRichards Bay ngosuku olufanayo, uXivoom Zungu, uthe umcimbi uzoqala ngo-2 emini kuze kuse.

Uthe uHlengiwe Mhlaba uzocula ihora. Abanye abazonandi­sa nguKhaya Mthethwa, Abathandwa, Malusi Mbokazi nabanye. Amathikith­i atholakala eComputick­et ngoR150, aweVIP abe nguR500.

UThula Mhlophe ongomunye wabahleli beKunqotsh­iwe Gospel Celebratio­n ezoba seHenley Dam, eMgungundl­ovu, ngeSonto uthe sebelindel­e izethameli.

“Wumcimbi wethu wokuqala lona. Sibone ukuthi abantu baseMsundu­zi namaphethe­lo akumele bashayele amabanga amade befuna indumiso,” kusho uMhlophe.

Uthe amasango azovulwa ngo-1 emini. Umcimbi uzodonsa kuze kube wu-6 ngakusasa.

“Abantu bazongena mahhala ngaphambi kuka-5 bese bekhokha uR50 ngemuva kwalokho. Bangaphath­a ama-camp chairs, ama-coolerbox angenalo uphuzo oludakayo nama-braai stand.”

Kuzobe kunandisa abaculi abehlukene.

Emicimbini yobumnandi ngeSonto KwaMashu Fan Park kuhlelwe iKwaMashu Easter Sunday Picnic. Kuzonandis­a uSPHEctacu­la noDJ Naves, Sparks Bantwana, Feel, Boonu, Meech nabanye abaningi.

Amathikith­i atholakala eComputick­et ngoR160.

EMojos Shisanyama & Car Wash, eChestervi­lle, ngeSonto kuneSunday Rendezvous. Kuboshelwe uDJ Fresh, Glen Lewis, Nzwiri, nabanye.

Umcimbi iDurban Day Picnic uyabuya ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium. Kuzobe kukhona uCassper Nyovest, Sjava, Shekhinah, Prince Kaybee, Tellaman, Khuzani nabanye.

Amathikith­i aqala kuR200 eTicketpro.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO ?? UMCULI uDumi Mkokstad ungomunye wabaculi abazonandi­sa emicimbini ehlukene ngempelaso­nto
Isithombe: SIBONELO NGCOBO UMCULI uDumi Mkokstad ungomunye wabaculi abazonandi­sa emicimbini ehlukene ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa