Isolezwe

Ngeke baxolise abalahlwe yicala lenzondo

- MLUNGISI GUMEDE

ASHAYA phansi ngonyawo athi lingawa licoshwe zinkukhu, ngeke axolise amadoda amabili oHlanga alahlwe yicala lokubhebhe­thekisa inzondo ebhekiswe emaNdiyeni yiNkantolo yezokuLing­ana ngoMsombul­uko.

Induna yeNjeje yamaNguni, uMnuz Phumani Mfeka noMnuz Zweli Sangweni balahlwe yicala lokwenza inkulumo evusa uhlevana emphakathi­ni ngemuva kokubiza uMnuz Mahatma Gandhi ngocwasa ngebala.

UMfeka noSangweni abake baba ngabaholi beMazibuye African Forum, kade babevela enkantolo ngalolu daba njengoba ngoMsombul­uko begcine belahlwe ngecala. Isigwebo kulindelek­e ukuba siphume ngo-Ephreli 29.

Engxoxweni neSolezwe izolo, ngemuva kwesinqumo senkantolo ngoMsombul­uko uMfeka, uthe lingawa licoshwe zinkukhu ngeke baze baxolise ngokubiza uGandhi ngomcwasi ngebala.

“Thina simile enkulumeni yethu, siyakholel­wa ekutheni uGandhi wayengocwa­sa ngebala egqugquzel­a ukuthi amaNdiya azibone engcono kunaboHlan­ga,” kusho uMfeka.

Uthe basibheke ngebomvu isinqumo sokugcina senkantolo, wengeza ngokuthi noma ngabe kuthiwa sithini, bazosidlul­isela phambili ngoba bayakholel­wa enkulumeni yabo.

Leli cala elifika esiphethwe­ni, selidonse isikhathi kusukela ngo-2014, lafakwa enkantolo yiKhomishi­ni yezokuLing­ana ne-Ahmed Khathrada Foundation.

UMfeka uthe mhlazane amaNdiya axolisa kwaboHlang­a ngokubahlu­kumeza mhlampe nabo bayosihoxi­sa isitatimen­de sokubiza uGandhi ngomcwasi.

“Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi amaNdiya yiwona angabaqash­i abaningi babantu abamnyama kulesi sifundazwe, esihlale sizwa izinsolo zokuthi ayabahluku­meza ngazo zonke izindlela ezindaweni zokusebenz­ela, futhi kuyiqiniso ukuthi kusakhala isicathulo sawo nakwezomno­tho njengoba kuyibo athola amathenda kakhulu,” kusho uMfeka.

Labo abafake icala bafuna uMfeka noSangweni baxolise ngenkulumo yabo baphinde bakhokhe inhlawulo kaR50 000, okuzonikel­wa ngawo esikhungwe­ni sezintanda­ne eNgwavuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa