Injabulo umkhandlu unikela ngogandaganda
UMKHANDLU waseZululand unikele ngogandaganda abangu-10, ababize ngaphezu kukaR7.2 million abazosiza ezindaweni ezingaphansi kwawo ukuze kuliwe nendlala emphakathini.
Labo gandaganda bethulwe ngokusemthethweni emphakathini owakhele lesi sifunda emcimbini obuseDumbe, ngoLwesibili.
IMeya yalo Mkhandlu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ithe nakuba bengesiye uhulumeni
wesifundazwe kodwa bathathe isinqumo sokuthi babathenge labo gandaganda ukuze basize umphakathi ngoba uMnyango wezoLimo esifundazweni awuzimisele ngokusiza abantu baseZululand.
“Abantu kade balinda ukuthi bathole usizo, ngenxa yokuhamba kwesikhathi belindile, sibe sesibona ukuthi akube khona esikwenzayo ukuze bakwazi ukuxosha indlala ngokuthi sibaxhase ngalabo gandaganda abangu-10,” kusho uButhelezi.
Uthe labo gandaganda bazosiza kakhulu abantu besifazane, intsha nomphakathi jikelele, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
“Kumanje sixoxa nenhlangano yabalimi i-Agri SA ukuze isilekelele isiqeqeshele umphakathi ngamakhono kwezoLimo,” kusho uButhelezi.
Uthe labo gandaganda kabenele kodwa bazowenza umehluko endaweni yabo.
“Sizimisele ngokuthi sisinyuse isibalo salabo gandaganda uma kwenzeka kuba khona imali evelayo,” kusho uButhelezi, engeza ngokuthi umkhandlu wabo uzibophezele ekwenzeni ngcono impilo yabantu.
Uthe umphakathi namakhosi balujabulele kakhulu lolu hlelo.
“Ngaphandle kokunikela ngogandaganda siphinde sanikela emphakathini nangembewu,” kusho uButhelezi.
UNksz Hleziphi Zulu waseDumbe ubonge uMkhandlu oholwa nguButhelezi ngokubalethela lolu hlelo logandaganda emphakathini.
“Labo gandaganda bazowusiza kakhulu umphakathi empini yokulwa nobubha ikakhulukazi njengoba abantu balapha emakhaya bebhuqwa yindlala ngenxa yokuntuleka kwamathuba emisebenzi,” kusho uNksz Zulu.