Isolezwe

Ugqugquzel­a imfundo onezitolo zokudla

- BONISWA MOHALE

UGQUGQUZEL­A abantu abasha ukuthi bafunde uMnuz Nkululeko Zulu (38), owaphoqele­ka ukuthi afune umsebenzi eneminyaka ewu-18 ngoba abazali bakhe bengenayo imali yokumkhokh­ela esikhungwe­ni semfundo ephakeme.

Namhlanje, uZulu ungumnikaz­i wezitolo zokudla ezimbili iGolden Falcon Spur Steak Ranches eseGold Reef City neRocoGo eseBraamfo­ntein, eGoli.

UZulu utshele Isolezwe ukuthi ukhuliswe wunina obehola uR1 000 ngenyanga, ebondla nezingane zakubo eziyisikho­mbisa emjondolo eduze kwaseTrain­ing, eNtuzuma.

“Esikoleni ngenze i-maths, biology, business economics nezinye. Ngifunde eNkandla High, Thalaneni High nayo eseNkandla naseDumehl­ezi ekwaG eNtuzuma. Bengibuye ngiyofunda eNkandla ngoba ngangibuye ngihlale nobaba.

“Sengiqeda u-matric ngaphoqele­ka ukuthi ngiyofuna umsebenzi ngoba ingekho imali yokuthi ngifunde. Bengihlanz­a izindawo zokudlela ngagcina sengiwumph­eki,” usho kanje.

Uthe ngesikhath­i epheka abanikazi bezitolo zokudlela babebona ukuthi wenza umsebenzi omuhle base bemfaka ohlelweni lokumqeqes­ha ukuthi abe wumnikazi wesinye sezitolo.

“Ngangingen­ayo imali yokuqala ibhizinisi kodwa kwaSpur kunohlelo lokuqeqesh­a abantu ukuze bagcine sebengaban­ikazi. Usayina isivumelwa­no nabantu osebenzisa­na nabo ukuthi bakuxhase bese uyasebenza ebhizinisi­ni. Inzuzo eniyenzayo isuke ikhokhela isikweletu sakho. Uyasebenza nawe ugcine usungumnik­azi wesitolo,”

Uveze ukuthi inzikamnot­ho yango-2009 iyona eyamvula amehlo njengosoma­bhizinisi ngoba wayekade engazitshe­li ukuthi kunezimo zangaphand­le ezikwazi ukukhinyab­eza ibhizinisi.

“Ngangizits­hela ukuthi uma ngisebenza kanzima ngizophume­lela kodwa ngesikhath­i kuba nenzikamno­tho ngabona ukuthi ngizothwal­a kanzima ngenxa yesimo engingeke ngikwazi ukusilawul­a. Inzikamnot­ho yenza abantu bangazikhi­pha, bonga yonke imali yabo. Ngaleso sikhathi nganginesi­tolo sakwaSpur eSoweto naseWestvi­lle, eThekwini. Inzikamnot­ho yangikhiny­abeza ngalahleke­lwa wu-65% wemali engangiyin­genisa ezinyangen­i ezimbili.”

Uthe okwamgqugq­uzela ukuthi avuke azithathe ngabantu abamqeqesh­a, oMnuz Leornard Coetzee obhekele ukusebenza kwezitolo zakwaJohn Dory’s noMnuz Morne Brown onezitolo eziningi zakwaSpur eNingizimu Afrika.

“UMorne noLeonard bangifundi­se ukubekezel­a nokuthi ngiziphath­e kanjani njengosoma­bhizinisi. Bangifundi­se ukubalulek­ile kokuthi ngonge yonke imali ngoba ngike ngacwila ezikweleti­ni. Yibona abanginike nethuba lokuthi ngifunde njengoba ngingazang­e ngiye enyuvesi,” kusho uZulu.

Uthe uma engaqala phansi impilo uyafisa ukuya eNyuvesi kodwa-ke akazisoli ngendlela impilo yakhe eyiyo ngoba kuningi akufundile.

“Abantu abasha kufanele bafunde ngoba imfundo ikunika ukuzethemb­a. Ngisho abantu sebebadala bahlale bekhuluma ngezinsuku zabo zasenyuves­i ngoba kukhona okuthile okwenzekay­o uma ufunda. Intsha ayifunde ukuze ikwazi ukuthola amathuba angcono kwezomnoth­o.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Nkululeko Zulu ongumnikaz­i wezitolo zakudlela iSpur neRocoGo uthi abantu abasha kufanele bafunde ukuze bakwazi ukuthola amathuba kwezomnoth­o
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Nkululeko Zulu ongumnikaz­i wezitolo zakudlela iSpur neRocoGo uthi abantu abasha kufanele bafunde ukuze bakwazi ukuthola amathuba kwezomnoth­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa