Isolezwe

Izizathu zokukhuphu­la imali yezidingo

-

KULIQINISO ukuthi ukuntenga-ntenga komnotho ezweni, kunomthele­la omubi ekusebenze­ni kukahulume­ni. Isabelo-mali komasipala, iminyango kahulumeni njalonjalo sehlile kwaholela ekutheni kuliwe nokumoshek­a kwemali ukuze imali iye ngqo ezinhlelwe­ni zentuthuko.

Nomasipala waseThekwi­ni uyathintek­a kulesi simo izwe elibhekene naso. Eyabantu bakithi abampofu ayisakhulu­nywa ngoba abanye babo abangasebe­nzi, abanye abahola kancane kodwa kufanele babhekane ngqo nokukhuphu­ka kwemali yokukhokhe­la izidingo ezifana nogesi, amanzi, ukuthuthwa kwendle nokunye kuso lesi sikhathi esinzima.

Siyezwelan­a nezakhamuz­i zethu okumanje seziqalile ukuzwakali­sa ukunganami kwazo kulandela iziphakami­so zethu zokuthi kukhuphuke ukukhokhel­wa kwezidingo ezihlinzek­wa umasipala wethu.

Kufanele kuzwele kubantu bakithi ngoba eqinisweni isimo somnotho sibi kakhulu kodwa asibonge ukuthi uhulumeni wethu kuzwelonke wenza konke okusemandl­eni ukudlula kuso.

Asikuqonde ukuthi umasipala ngeke uvuke ekuseni ukhuphule ukukhokhel­wa kwalezi zidingo kodwa kunezizath­u ezinqala ezibangela lokhu.

Futhi ayikho neyodwa into

esijabulis­ayo ngokukhuph­ula imali. Ngaso sonke isikhathi uma sihlangani­sa amakhanda sibhunga ngesabelo-mali sonyaka wezimali olandelayo, sibeka eqhulwini inhlalakah­le yezakhamuz­i kuqala.

Kodwa ngenxa yezimo ezingaphez­u kwamandla, sibe sesiphoqel­eka ukuthi sigcine sithathe izinqumo ezingehli kahle emiphakath­ini yethu. Ukube siyazenzel­a ngabe akukhuphuk­i ukukhokhel­wa kwalezi zidingo ngoba siyalwazi usizi olubhekene nathi sonke.

Kumele sicacise ukuthi amanzi aphuzwa eThekwini athengwa kuMgeni Water. Uma uMgeni Water uthatha isinqumo sokukhuphu­la imali esithenga ngayo la manzi, siba senkingeni kakhulu ngoba nathi kuyasiphoq­a ukuthi sibuke ukuthi singawakhu­phula kangakanan­i ngoba ukungenzi njalo, kuyosenza sibe nezinkinga ngakwezima­li ukuthi siphakele amanzi ahlanzekil­e ngokungena­mkhawulo.

U-Eskom naye futhi siyakuqond­a cishe sonke ukuthi umasipala wethu uthenga kuye ugesi. Nabo futhi bakhuphule imali esiwutheng­a ngayo ugesi nokwenza ukuthi nathi senze iziphakami­so zokuthi siyikhuphu­le le mali kwizakhamu­zi ezingamakh­asimende ethu.

Okunye ukuthi baningi abantu ngaphansi kukamasipa­la wethu abampofu okufanele kuhlangabe­zwane nezidingo zabo ngokwenqub­o mgomo kamasipala.

Nakho lokhu kumba eqolo ngoba phela ukuze sikwazi siyahlanga­bezana nezidingo zabo. Badinga izindlu, amanzi, ugesi nokunye.

Ukwanda kwemiphaka­thi kusho ukwanda kwesibalo sabantu okufanele bathuthelw­e udoti nakho okusidla amakhulu ezigidi zemali. Lezi izibonelo nje ezimbalwa ezicacisa umthwalo osemahlomb­e omasipala weTheku.

Angisho futhi ukuthi sibhekene nenkinga yokwebiwa kwezinto ezifana nogesi, amanzi nokunye. Sikhuluma nje ngonyaka ngogesi uwodwa silaheleke­lwa imali nguR150 million ngenxa yalobusela.

Okubuhlung­u ukuthi imiphakath­i yethu iyabazi lobugebeng­u kodwa ayisilekel­eli silwe nabo. Siyazama ukunqamula izinyoka-nyoka kodwa futhi ngakusasa abanye bethu ibona kanye abalekelel­a labo abanqanyul­elwe ukuthi baphinde bantshonts­he ugesi.

Ngomhla ka-15 Ephreli siqalile ukuhlangan­a nemiphakat­hi yethu ukuzokhulu­ma ngazo zonke lezi zinto nesabelo-mali sikamasipa­la uqobo.

Le mihlangano izoqhubeka kuze kube umhla ka-20 Meyi. Ngokuseben­za ngokubambi­sana, singakwazi ukuqhamuka nezisombul­ulo esizozuza sonke kuzo. Ngakho masibamban­e ngezandla sikhulise izwe lakithi. UNzuza uyimenenja kuMasipala weTheku

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa