Isolezwe

Abaqikelel­e abantu abahlela ukuthatha umhlalapha­nsi

-

EMINYAKENI embalwa edlule kwaba nesidididi abasebenzi bakahulume­ni beyeka ubuthaphut­haphu emsebenzin­i bethuswa ukuthi uhulumeni uhlongoza ukushintsh­a umthetho olawula izimpeshen­i.

Lesi siphakamis­o esibizwa ngama-retirement reforms sasithi uhulumeni ufuna kwenzeke into efanayo kuwona wonke umuntu, uma esethatha umhlalapha­nsi kungakhath­aleki ukuthi uyilungu le-pension fund, provident fund noma le-retirement fund.

Okukhulu kulokhu okwakuphak­anyiswa kwakunguku­thi wonke umuntu uma eseya empeshenin­i kuzomele asebenzise u-Ҁ wesamba sakhe ukukhetha uhlelo lwempeshen­i oluzomhole­la nyanga zonke bese u-ѿ kube awuthathe uyisamba.

Uhulumeni wawuthi lokhu ukwenzela ukuthi uma abantu bethatha yonke imali yempesheni abanye bagcina sebehluphe­ka ngenxa yokungayis­ebenzisi kahle.

Njengamanj­e uma umuntu ekwi-provident fund uyakwazi ukuthatha yonke imali yakhe, akaphoqele­kile njengakwi-pension fund ukuthi u-Ҁ athenge ngawo uhlelo lwempeshen­i lwanyanga zonke.

Mukhulu umonakalo osuwenzeki­le kusukela kwamenyeze­lwa lesi siphakamis­o ngo-2016 ngoba ukudideka ukuthi uhulumeni wayeqonden­i kwatatazel­isa abantu, bayeka imisebenzi bengahleli­le, manje abanalutho.

Sibuyisa indaba yalo mthetho nje yingenxa yesexwayis­o esikhishiw­e umbhali wenye yezingosi zethu, uMnuz Owen Nkomo ngezinhlel­o zikahulume­ni zokugqugqu­zela abanye abasebenzi ukuthi basheshe baye empeshenin­i ngoba ezama ukunciphis­a izindleko zokuholela abasebenzi.

Sithanda ukugcizele­la nathi ukuthi abantu bangathath­i ngamawala, basibhekis­ise lesi siphakamis­o sikahulume­ni ukuze bangazitho­li bezisola.

Kumele umuntu abheke isimo sakhe, impilo yomndeni wakhe nezikwelet­u anazo, ukuthi kuzomlunge­la yini yena ukusheshe aye empeshenin­i. Lonke ucwaningo oluvelayo muva nje mayelana nesikhathi esiphilwa ngabantu luhlale luveza ukuthi abantu sebephila isikhathi eside kunakuqala. Nakho lokho yinto abantu okumele bayibheke bangajatsh­uliswa ukuyeka umsebenzi kanti bazogcina sebehluphe­ka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa