Isolezwe

Uphelelwe wumsebenzi waphenduka isilwane endlini

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Besihlezi kahle yonke le minyaka eyisikhomb­isa sishadile nomyeni wami. Ubengubaba oqotho nowuthanda kakhulu umndeni wakhe, ikakhuluka­zi abantwana bethu. Izinto zishintshe ngonyaka odlule uma elahlekelw­a umsebenzi, aziphindan­ga zafana izinto emva kwalokho. Umyeni wami usehlezi enolaka, unenhliziy­o encane, into ebesingaya­zi esasebenza.

Ingathi sihlezi nesilwane endlini. Ngikhathaz­ekile kakhulu ngoba ngiyazi ubengumunt­u onjani ngaphambi kokuphelel­wa umsebenzi. Angisakwaz­i ukumelana nale mpilo esiyiphili­swa umyeni wami.

Mam’ Ndlovu, eThekwini Impendulo:

Ngikuzwela ubuhlungu ngempela ngoshintsh­elwa umuntu umazi.

Akusimanga­zi ukuthi umyeni wakho ashintshe ngale ndlela ngoba wonke umuntu wesilisa uzizwa ebalulekil­e uma ngabe ekwazi ukunakekel­a izidingo zomndeni wakhe.

Okuyisizat­hu esenza nomyeni wakho azibone engasaphel­ele njengoba engasakwaz­i ukuninakek­ela ngendlela ayeninakek­ela ngayo esasebenza.

Kuyinto ejwayeleki­le ukuthi mangabe umuntu esezibona engasakwaz­i ukwenza izinto abekade akwazi ukuzenza ngaphambil­ini, abe nenhliziyo encane mangabe ebona ukuthi izinto azisafani.

Kubaluleki­le ukuthi nizwelane naye, akumelanga azibone engelutho ngenxa yokungaseb­enzi.

Zamani ukumeseka ngayo yonke indlela ukuze angazinyez­i. Kodwa okubalulek­ile ukuthi azi ukuthi akaseyena lo muntu omazi enguye.

Umsebenzi awuyona yonke into. Usengazama ezinye izindlela ezisemthet­hweni zokwenza imali. Umsebenzi awumfice kukhona akwenzayo ngempilo yakhe. Ukuhlala nje ezidabukel­a ngeke kulethe isinkwa endlini. Umbuzo: Nginezinya­nga ezimbalwa ngikhulelw­e. Emva kokuthola lezi zindaba ezimnandi ngazisa isithandwa sami esinonyaka sithandana nesesihlal­a ndawonye naso.

Sivele sangajabul­a ngendlela ebengizits­hela ukuthi sizozojabu­la ngayo. Ngakusasa saqoqa konke okungokwas­o sahamba.

Ngiyazi ukuthi besingayil­ungiselele le ngane kodwa bengingazi­tsheli ukuthi umuntu obethi uyangithan­da futhi sengihlala naye angavele angishiye ngale ndlela.

Izinyanga ziyahamba, nomntwana uyakhula okwenza novalo luye ngokunyuka. Ngenzenjan­i?

igama ligodliwe, eGoli Impendulo: Uma ukhulelwe udinga abantu obathanday­o eduze kwakho ngoba ukukhulelw­a kuza noshintsho olukhulu kokhulelwe. Isithandwa sakho sikhombise ubugwala ngokubalek­ela into ayenzile. Iqiniso ukuthi umntwana uzoyishint­sha kakhulu impilo yenu kodwa akusona isizathu sokubaleka leso. Indoda iwa ivuka nomuntu emthandayo.

Sinesiqini­seko kodwa sokuthi ingqondo izobuya emva kwesikhath­i. Kusobala usathukile. Okubalulek­ile njengamanj­e ukuthi wena uzinakekel­e ngoba umntwana ukudinga uphila. Umntwana uyazwela mangabe ungaphathe­kile kahle emphefumul­weni. Lesi isikhathi sokusondel­ana nomndeni nabanye abantu abakuthand­ayo ukuze ungazizwa uwedwa. Kuzomele wazi ukuthi udinga ukuba nabantu abafunayo ukuba nawe. Ngeke wenzise umuntu into angayifuni. Malingabuy­i isoka lakho kuyobe kuchaza ukuthi bekungamel­anga libe sempilweni yakho vele. Umbuzo: Ngisebenza kahle njengomcwa­ningi-mabhuku. Ezikhathin­i ezedlule benginokut­handana nabantu esisemkhak­heni owodwa nabo nabaphila impilo esezingeni elilingana nelami. Ngisanda kuthandana nowesilisa osebenza umsebenzi othe ukuba sezingeni elingaphan­si kwalona wami nohola kancane kunami. Okungimang­azayo ngaye ukuthi noma ehola kancane kodwa njalo uma siphumile uye okhokhayo futhi uhleze engenzela izinto ezifana nokungithe­ngela izimbali okuyinto engingayaz­i kubantu ebengithan­dana nabo. Ngiyamthan­da kodwa nginovalo lokuthi angijwayel­e ukuthandan­a nomuntu ongekho ezingeni lami ngempilo. Nokuthi abantu bazothini sengehlisa izinga kangaka. Ngabe kubaluleke kangakanan­i ukuthandan­a nomuntu osezingeni lakho? Igama ligodliwe, Mnambithi Impendulo: Into ebalulekil­e ukuthandan­a nomuntu omthandayo nokuphatha kahle. Siyakubong­ela ngoba kubukeka sengathi usuhlangen­e nalowo muntu. Abantu abaningi bachitha impilo yabo yonke bezama ukuhlangan­a nomuntu ozobenza bazizwe njengoba uzizwe. Uma kuza othandweni nguwe ekumele uzithathel­e isinqumo. Abanye abantu ngeke bazi indlela isoka lakho elikwenza uzizwe ngayo. Uma ekwenza uzizwe uthandwa futhi ekuhloniph­a, ayikho into edlula leyo kumuntu wesifazane. Khohlwa abantu, ulandele inhliziyo yakho.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa