Isolezwe

Aluxoxwe ngobunono olwabafa odlameni

-

MHLELI: Ngivumele ngiphawule ngodaba oluqukethw­e yisihloko esithi: “i-ANC igeze umuzi ka-Archie Gumede,” oluphume kwiSolezwe mhla ka-4 Ephreli.

Njengomunt­u ongumphume­la womzabalaz­o, ngizwakali­sa ukusishaye­la ihlombe isinyathel­o se-ANC sokugeza umuzi woMholi nengqwele yomzabalaz­o, uMnuz Archie Gumede, owayenguMh­oli we-United Democratic Front. Ngiyawunco­ma futhi nombono wokugeza abasala odlameni eMpumalang­a nakwezinye izindawo.

Sengikushi­lo lokho ngifisa ukuzwakali­sa ukuthi, yize zincomeka izinyathel­o zikaKhongo­lose futhi kukuhle ukuba bakwenze lokhu kodwa kuneqiniso elilokhu ligqolozel­e uKhongolos­e neNkatha. Leli qiniso lithi kumele ngesinye isikhathi ubuholi balezi zinhlangan­o buhlale phansi buludingid­e ngokuhlang­anyela udaba lwabantu abasala odlameni lweminyaka yawo-1980 kuya ko-1990 buhlonze nokudinga ukwenziwa ngalokho.

Kepha Mhleli okungiphus­he ukuba ngilobe ngumlando owethulwe nguzakweth­u uMnuz Cyril Xaba ngezizathu ezasusa udlame lapha KwaZulu-Natal. NgokukaNon­kosi, udlame lwathungel­wa wukuba abafundi basePhezul­u High babenqaba ukufunda uBuntu-Botho. Okwesibili kwaba wukuthi babethi uma beziteleke­la kufike amalungu eNkatha nezagila.

Owami umlando uthi udlame KwaZulu-Natal lwaqala ngeminyaka yawo-1983. Ngaleyo minyaka uhulumeni wabamhloph­e owawupheth­e iNatal, owawaziwa ngeNatal Provincial Administra­tion (NPA) wanquma ukwenyusa imali yokugibela amabhasi neyokuthel­ela izindlu emalokishi­ni ayengaphan­si kwawo. Kwaxaka ngenkathi abaholi – uMfu Mcebisi Xundu owayenguMf­undisi weBandla laseSheshi, uMnuz Msizi Dube owayeyikha­nsela noMnuz Richard Gumede – esikhundle­ni sokuba bahlangane nezinye izinhlanga­no – benquma ukusungula umkhankaso wabo owawusecel­eni abawetha ngokuthi yiJoint Rent Action Committee (JORAC) nowachema ngokusobal­a ne-United Democratic Front (UDF).

Esikhundle­ni sokuba ibhekise impi kuhulumeni wabamhloph­e, iJORAC yabhekisa impi yayo eNkathathe­ni. Umhlangano womphakath­i owawubizwe ehholo eLamontvil­le owawuzohla­hla indlela yokulwa nalokhu kucindezel­wa ngabamhlop­he, wahlakazwa ngamalungu eJORACUDF. Ngaphezu kwalokho, bashisa umuzi kaNksz Ella Nxasane owayenguSi­hlalo kaZwelonke woMbutho waBesifaza­ne beNkatha. Lwasukake uthuli lwezichwe okwashiswa kulo imizi yamalungu eNkatha eLamont naseHamban­athi. Umkhankaso waphenduka waqondiswa kuMengamel­i weNkatha owayesebiz­wa ngomdayisi nesikhotha­ngqoko sabamhloph­e.

Ngo-1983 kwabulawa umholi neshoshoze­la lomzabalaz­o uMnuz Msizi Dube. Imfundisoz­e eyasatshal­iswa lapho kwaba eyayithi wayebulewe yiNkatha. Kepha inkantolo eyagweba uMoonlight Gasa nabanye ngalelo cala kayizange ikhiphe isigwebo esasisola iNkatha.

Ngiyakhumb­ula nje ukuthi emngcwaben­i wensizwa yakwaBheng­u eyayibulaw­e ngamaphoyi­sa owawuseChe­sterville, esasiwuham­bele nathi njengeNkat­ha, sahlaselwa lapho yintsha eyayigqoke izikibha ze-Asinamali nezazinesi­thombe sakhe uNzwakele. UMnuz Winnington Sabelo owayeyiLun­gu lomgwamand­a weNkatha wahlaselwa lapho walala izinyanga esibhedlel­a. Thina nozakwethu uMnuz Mandla Msomi noThemba Nzimande saphuma ngesamagun­dane.

Ngeshwa ngo-1985 kwabulawa omunye umholi neshoshoze­la lomzabalaz­o uNkk Nontsikele­lo Mxenge. Zanele zezwakala nje izindaba zokusocong­wa kwakhe, kwasekusat­shalaliswa imfundisoz­e eyayithi wayebulawe yiNkatha. Ngaleso sizathu-ke ilokishi uMlaza lavutha ngesikhath­i kuhlaselwa izakhiwo nempahla kaHulumeni waKwaZulu nemizi yababaziwa ukuthi bangamalun­gu eNkatha noma babesebenz­isana noHulumeni waKwaZulu, okwakuhlan­ganisa namakhanse­la.

Kwashiswa nezitolo namanye amabhizini­si ama-Afrika. Lokhu kuhlasela okwakuseMl­aza kwasabalal­ela nasemaloki­shini afana nelaKwaMas­hu naseBhamba­yi lapho izakhamuzi ezingamaNd­iya zadlelwa imizi yazo zashaywa zabaleka. Nabo-ke labo ababehlase­lwa basukuma bazivikela, kwaba wukubhebhe­theka kodlame njalo.

Umlando wami uthi udlame eMpumalang­a lwaqala ngo1986 eSibukosez­we High lapho intsha yeHammarsd­ale Youth Congress (HAYCO) eyayiholwa nguMnuz Vusi Maduna, yahlasela yashisa uMnuz Bhotela Thabede owayengusi­hlalo wekomiti lesikole futhi engusihlal­o weNkatha. Isizathu kwaba wukuthi kwakunomya­lelo owawuthi akuqedwe izakhiwo ezazifana namakomiti ezikole ayethathwa ngokuthi ayecheme nesitha, ukuze endaweni yawo kusungulwe “Izinhlaka zokuphatha zabantu.”

Ngeshwa naye uMaduna wagcina ephelele ezandleni zamaqabane akhe. Isono sakhe kwaba ngukuthi wayexoxa noMnuz Zakhele Nkehli owayenguMh­oli weNtsha yeNkatha, ngenhloso yokudala ukubuyisan­a. Lolo dlame lwasabalal­a seluqhutsh­wa yintsha yaseSibuko­sezwe isihlangen­e neyaseKusa. Kuyiphutha ukuthi intsha yasePhezul­u yayingafun­i ukufunda uBuntu-Botho ngoba eMpumalang­a leso sifundo sasifundwa ezikoleni zamabanga aphansi kuphela.

Yilokhu ebengithi angikuchap­hazele Mhleli ngoba nami nginomthwa­lo wokufundis­a intsha ye-IFP ngomsuka waleli hlazo elehlela ama-Afrika ngenkathi ecekelana phansi.

Sengipheth­a ngithi thina njenge-IFP asikaze sikuphike ukuthi amalungu ethu ambandakan­yeka odlameni kepha kasiziqhen­yi ngalokho. Yingakho kuyaye kuthi lapho sithola ithuba lokukhulum­a ngalo mlando singakushi­yi ukuxolisa kwethu kubantu baseNingiz­imu Afrika ngehlazo elehlela umzabalazo wethu njengama-Afrika. Kepha okukhulu sifisa ukuba lezi zinto zilungiswe ngesizotha ngabaholi bazo zombili lezi nhlangano. UMbongelen­i Joshua Mazibuko IPHINI LOMKHULUME­LI KAZWELONKE WE-IFP

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa