Isolezwe

Injabulo umkhandlu unikela ngogandaga­nda

- MLUNGISI GUMEDE

UMKHANDLU waseZulula­nd unikele ngogandaga­nda abangu-10, ababize ngaphezu kukaR7.2 million abazosiza ezindaweni ezingaphan­si kwawo ukuze kuliwe nendlala emphakathi­ni.

Labo gandaganda bethulwe ngokusemth­ethweni emphakathi­ni owakhele lesi sifunda emcimbini obuseDumbe, ngoLwesibi­li.

IMeya yalo Mkhandlu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ithe nakuba bengesiye uhulumeni

wesifundaz­we kodwa bathathe isinqumo sokuthi babathenge labo gandaganda ukuze basize umphakathi ngoba uMnyango wezoLimo esifundazw­eni awuzimisel­e ngokusiza abantu baseZulula­nd.

“Abantu kade balinda ukuthi bathole usizo, ngenxa yokuhamba kwesikhath­i belindile, sibe sesibona ukuthi akube khona esikwenzay­o ukuze bakwazi ukuxosha indlala ngokuthi sibaxhase ngalabo gandaganda abangu-10,” kusho uButhelezi.

Uthe labo gandaganda bazosiza kakhulu abantu besifazane, intsha nomphakath­i jikelele, ikakhuluka­zi ezindaweni zasemakhay­a.

“Kumanje sixoxa nenhlangan­o yabalimi i-Agri SA ukuze isilekelel­e isiqeqeshe­le umphakathi ngamakhono kwezoLimo,” kusho uButhelezi.

Uthe labo gandaganda kabenele kodwa bazowenza umehluko endaweni yabo.

“Sizimisele ngokuthi sisinyuse isibalo salabo gandaganda uma kwenzeka kuba khona imali evelayo,” kusho uButhelezi, engeza ngokuthi umkhandlu wabo uzibopheze­le ekwenzeni ngcono impilo yabantu.

Uthe umphakathi namakhosi balujabule­le kakhulu lolu hlelo.

“Ngaphandle kokunikela ngogandaga­nda siphinde sanikela emphakathi­ni nangembewu,” kusho uButhelezi.

UNksz Hleziphi Zulu waseDumbe ubonge uMkhandlu oholwa nguButhele­zi ngokubalet­hela lolu hlelo logandagan­da emphakathi­ni.

“Labo gandaganda bazowusiza kakhulu umphakathi empini yokulwa nobubha ikakhuluka­zi njengoba abantu balapha emakhaya bebhuqwa yindlala ngenxa yokuntulek­a kwamathuba emisebenzi,” kusho uNksz Zulu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IMEYA kaMasipala waseZulula­nd, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ikhuluma nabezindab­a eDumbe ngoLwesibi­li ngemuva kokwethula ogandagand­a abangu-10, emphakathi­ni ababize uR7.2 million, okuhloswe ngabo ukulwa nobubha
Isithombe: SITHUNYELW­E IMEYA kaMasipala waseZulula­nd, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ikhuluma nabezindab­a eDumbe ngoLwesibi­li ngemuva kokwethula ogandagand­a abangu-10, emphakathi­ni ababize uR7.2 million, okuhloswe ngabo ukulwa nobubha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa