Isolezwe

UBilliat ukhala ngokugeja kweChiefs

- ZAKHELE XABA

UMGADLI weKaizer Chiefs, uKhama Billiat, ubalula inkinga yobuthuntu bamafolosi aleli qembu elisengcup­heni yokuqeda enye isizini lilambatha.

UBilliat usayine kwiChiefs ekuqaleni kwesizini emuva kokwenqaba ukuvuselel­a inkontilek­a neMamelodi Sundowns. Bekunedume­la lokuthi uzobuyisa ukudlala ngokuzwana noLeonardo Castro abebebhubh­isa naye amaqembu kwiSundown­s. Nokho izinto azihambang­a ngendlela. Kunalokho laba bagadli badonsa kanzima ukushaya amagoli.

Umdlali ohamba phambili ngamagoli kwiChiefs nguBilliat, oshaye ayisihlanu kule sizini. Abanye abagadli beChiefs abangayibo­ni

inethi kule sizini nguBernard Parker, Ryan Moon noGustavo Paez olizwa ngendaba ijezi ngaphansi komqeqeshi u-Ernst Middendorp.

“Singabagad­li asiwashayi amagoli ngezinga esifisa ngalo. Sizama ngakho konke ukusebenza endleleni esixhumana ngayo enkundleni futhi sizame ukwakha amathuba amaningi.

Singabagad­li yinto esizamayo ukuyilungi­sa nokuqinisa­na idolo, sesekane ukuze noma ubani onikwe ithuba lokudlala ezoshaya amagoli,” kusho uBilliat.

IChiefs inethuba lokugcina lokujabuli­sa abalandeli ngokuwina iNedbank Cup. Izovakashe­la iChippa United kowandulel­a owamanqamu eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi ngoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku.

Amakhosi yiwona asewine iNedbank ukuwadlula wonke amaqembu eMzansi kwazise aseyiphaka­mise amahlandla awu-13. Agcine ukuyiphaka­misa ngo-2013 esaqeqeshw­a nguStuart Baxter.

IChiefs idlulele kowandulel­a owamanqamu emuva kokwehlula iCape Town City ngo 2-0 emasontwen­i edlule.

“IChippa iyiqembu elihle. Iyakwazi ukugcina ibhola futhi iyakwazi ukuzumisa. Inabadlali abahle abangashin­tsha izinto noma yinini.

Ngicabanga ukuthi kufanele siye laphaya sifuna ukuwina ngaphezu kweChippa. Ngeke kube lula, ikakhuluka­zi njengoba izobe idlalela ekhaya.

Kodwa ngiyakhole­lwa eqenjini lethu. Uma sidlala sizimisele ngokwanele sizowina,” kusho uBilliat.

Nakuba iChiefs isiqede iminyaka ingawini lutho kodwa ibikade ifinyelela kweyamanqa­mu. Ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uSteve Komphela ifike kabili kweyamanqa­mu kodwa ihlulwa. Kule sizini okwesithat­hu ifinyelela kowandulel­a owamanqamu. KwiMTN8 ikhishwe yiSuperSpo­rt United, kwathi kowandulel­a owamanqamu weTelkom Knockout yahlulwa yi-Orlando Pirates.

“Le sizini asikwazi ukuyibiza ngenhle kwiChiefs kusukela ngiyibuka ngingakadl­ali kuyona. Kungaba kuhle kakhulu ukuqeda isizini ngendebe senzele abalandeli. Izinto ziya ngokuba nzima kuwona wonke umdlalo esiwudlala­yo njengoba sekuyophel­a isizini. Kweyendebe sekunzima kunakuqala. Kudinga bonke abadlali ukuthi bagxilise imiqondo yabo, silungise wonke amaphutha esiwenzile, siye emdlalweni sifuna ukuwina ngaphezu kwezimbang­i,” kusho uBilliat.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa