Isolezwe

Ubona bezofeza izifiso nge-Afcon

- LUNGILE MAJOKA

UMDLALI weSuperSpo­rt United, u-Aubrey Modiba, ubona ukwenza kahle kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kungeke kujabulise isizwe kuphela kodwa kungasiza bona bengabadla­li, ukufeza amaphupho okuwelela phesheya kwezilwand­le.

IBafana izodlala kwi-Afcon ese-Egypt ngoJuni. UModiba ungomunye wabadlali umqeqeshi, uStuart Baxter obelokhu ebabiza esikwatini sakhe ngesikhath­i kunemidlal­o yokuhlunga.

Lo mdlali okwazi ukuyibamba ezindaweni eziningi, esiswini nasemuva kwesokunxe­le, uthe okumqoka manje wukulwela ukuthi angasali ngaphandle uma uBaxter esememezel­a isikwati azogadla ngaso e-Egypt.

“Kuzoba wumqhudelw­ano ohehayo. Umuntu sekufanele asebenze ngokuzikha­ndla ukuze akwazi ukuba sesikwatin­i esizohamba,” kusho uModiba.

Elakuleli lifakwe eqoqweni, uGroup D neNamibia, Morocco ne-Ivory Coast.

“Sidinga ukuqina ngokomqond­o futhi sizitshele ukuthi singabanqo­bi. Lokho singakwenz­ela izwe, sizenzele nathi ngoba ngokwenza kahle ungakwazi ukuzithole­la inkontilek­a enkulu. Kule miqhudelwa­no yilapho abadlali abaningi bekwazi khona ukuthola izinkontil­eka ezizobayis­a phesheya. Kodwa ngeke sizifakele ingcindezi ngoba kumele sidlale ngendlela umqeqeshi azobe ehlele ngayo. Umqeqeshi uBaxter uyakholelw­a ekudlaleni ngendlela ehlelekile futhi ngiyamethe­mba ukuthi

uzohlangan­isa iqembu elizolwa,” kusho lo mdlali oqale ukuvelela emkhankasw­eni wakwaNedba­nk wokuvumbul­ula ikhono ngo-2015.

Uthe ukuba sesikwatin­i nabadlali abafana noPercy Tau oyibamba eBelgium, Lebo Mothiba noBongani Zungu abadlala eFrance, kuyabakhut­haza nabo.

“Ukuba sendaweni eyodwa nabo kuyakukhut­haza ngoba uyabona ukuthi sebekhule kangakanan­i ngokomdlal­o. Nami ngiyaphuph­a ngokuya phesheya, lokho kungabuye kuzosiza lona iqembu (iBafana). Angikhatha­li ukuthi ngiya e-England noma iseFrance inqobo uma kuyiligi eqinile.”

Okwamanje uModiba usazogxila ekulweni nozakwabo kwi-United, ukuthi baphushe iqembu liqede endaweni engcono kwi-Absa Premiershi­p.

Ngesizini edlule Amatsatsan­tsa a Pitori angene ngembobo yenaliti kwiTop 8.

Izolo ebusuku iSuperSper­Sport ibibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli. Emdlalweni olandelayo izobhekana naMaZulu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-Ephreli 24.

 ??  ?? U-AUBREY Modiba weSuperSpo­rt United ufisa ukudlala kwi-Africa Cup of Nations ukuze azicabele indlela ebheke phesheya
Isithombe: BACKPAGEPI­X
U-AUBREY Modiba weSuperSpo­rt United ufisa ukudlala kwi-Africa Cup of Nations ukuze azicabele indlela ebheke phesheya Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa