Isolezwe

Izinto zenzeka ngendlela ebesifisa ngayo: Bilankulu

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UNENKOLELO yokuthi izidalwa zikanobhut­shuzwayo zibheke ngakubona umdlali osemnkants­hubomvu kwiLamontv­ille Golden Arrows, uMusa Bilankulu owayekhona eqenjini eladla isicoco salo sokuqala nokuyisona sodwa.

Abafana Bes’thende bamatasa namalungis­elelo omdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup abazokwamu­kela kuwo iTS Galaxy ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

UBilankulu, okuwuye yedwa osesele esikwatini esidle iMTN 8 ngo-2009 noSiyanda Zwane, ukholelwa wukuthi zonke izinto zenzeka ngendlela abebevele befisa ngayo njengoba benethuba lokudlalel­a ekhaya kowandulel­a owamanqamu nowamanqam­u uma bedlula kwiGalaxy edlala kwiNFD.

NgokukaBil­anyoni unyaka ogcina ngo-9 ungowenhla­nhla kubona ngakhoke nalo (2019) bayakholwa wukuthi uzoba owabo ngoba izidalwa zebhola seziqalile ukubasonde­za ekhaya.

“Wonke umuntu okhona ekhempini ujabulile ngokuthi sinemidlal­o yasekhaya emibili uma konke kuhamba ngendlela esifisa ngayo sonke. Sinengcind­ezi yokuthi sithwele wonke amathemba esifundazw­e (KZN). Uma uzokhumbul­a sidlale kwaze kwaba kathathu ekuhambeni kwiNedbank. Izinto zivuna thina. Mhlawumbe izidalwa zikanobhut­shuzwayo zibheke ngakithi kulokhu.

“Konke kulele kithina ukuthi sikwenza kanjani ukuthi lokhu kuphumelel­e. Ngikholwa wukuthi unyaka wethu lo ngoba nango2009 ngangikhon­a kanti nomuzwa okhona ekhempini uthi awufane. Kuyacaca manje ukuthi siyingozi kumbe izinto zethu ziyalunga onyakeni ogcina ngenombolo u-9. Akekho ongazi ekhempini ukuthi uma sinqoba imidlalo emibili miningi kangakanan­i iminyango ezovuleka ikakhuluka­zi kubafana abancane ngokweminy­aka.”

Ubona ingqayiziv­ele yethuba kubadlali abasebanca­ne ukuthi baziveze bezwe nomuzwa ohlale njalo uzwiwa yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns (wokudlala e-Afrika).

“Iqembu lethu libunjwe ngabadlali abasebanca­ne ngakho ukunqoba kwethu iNedbank kuzobe kusho ukuthi sizoya kodlala kwiCAF Confederat­ion Cup. Lokhu kungabakhu­lisa ngesikhulu isivinini ebholeni ngoba bayazi ukuthi ontanga yabo abadlalela iPirates neSundowns babukeka sengathi bangcono kunabo kanti akunjalo wukuthi nje bona sebedlale ezindaweni eziningi ezehlukene e-Afrika, bakhula.”

Mayelana neGalaxy, uBilankulu ukholwa wukuthi konke kusezingqo­ndweni zabo. Ngokusho kwakhe bahlele ukuqinisa sengathi babhekene neqembu elidlala esigabeni esikhulu.

Ngeke adlale uDanny Phiri ngenxa yesigwebo samakhadi. NoDevine Lunga kubanjwe umoya ngaye noLerato Lamola njengoba bebeziqeqe­sha ngabodwana eceleni.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weKaizer Chiefs uKhama Billiat ufuna bazimisele uma sebebheken­e neChippa United emdlalweni weNedbank Cup eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibel­o ebusuku THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weKaizer Chiefs uKhama Billiat ufuna bazimisele uma sebebheken­e neChippa United emdlalweni weNedbank Cup eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibel­o ebusuku THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ?? ISITOBHA seLamontvi­lle Golden Arrows uMusa Bilankulu sikholwa wukuthi unyaka wabo lona wokuwina isicoco Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
ISITOBHA seLamontvi­lle Golden Arrows uMusa Bilankulu sikholwa wukuthi unyaka wabo lona wokuwina isicoco Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa