IRanger ithuthukiswe yafakwa injini no-gearbox okusha
UMEHLUKO omkhulu owenziwe kule Ranger ethuthukisiwe usemajukujukwini njengoba kufakwe injini entsha kanjalo no-gearbox omusha.
Le njini ingu-2.0 - ene-turbo eyodwa nenamabili iBi-Turbo. Lena eneturbo eyodwa inamandla angu-132kW ne-torque engu-420Nm kuthi enamaturbo amabili yona ikhahlele amandla angu-157kW ne-torque engu-500Nm. Zombili zino-gearbox oyi-10 speed automatic.
Ngikubalulile ngenhla ukuthi iRanger ikhiqizwa ePitoli. Injini ke yona yenziwa embonini yale nkampani iStruandale ePort Elizabeth.
Lena ene-turbo eyodwa itholakala kwiDouble Cab XLT 4x2 ne-4x4. IBiTurbo yona bayigaxe kwiWildtrak futhi izobuye itholakale nakwiRaptor osekunesikhathi kukhulunywa ngayo. Izokwethulwa ngenyanga ezayo futhi sizobe sikhona ukuze sibuye sikwazise ngayo.
Lezi zinjini bathi bazenzele ukuba namandla, ukonga futhi zinomsindo omncane kanjalo nokunqanqazela uma uziqhathanisa nezikhona.
Ezikhona okungezindala futhi ezisatholakala yi-3.2 litre Duratoq TDCi kwiWildtrak neXLT double cab nakwiXLT neXLS SuperCab. Inamandla angu-147kW ne-torque engu-470 Nm.
Kukhona futhi ne-2.2 litre TDCi enamandla angu-88kW ne-torque engu-285Nm noma eno-118 kW ne-torque engu-285 Nm.
Ngingufakazi, ayinawo umsindo otheni uma iduma ikakhulukazi uma ungaphakathi. Okuhle wukuthi amagiya ashintsha buthule ngokushesha lokho okwenza amarevvs ahlale ephansi ukuze idumele phansi. Lokho futhi kusiza nokuthi yonge kudizili.
Injini iyithwala kahle emgwaqeni futhi namandla awashodi. Uma uya kule eyiBi-Turbo isivinini sinyuka ngokushesha yize yona ingezwakala ukuthi isiyagijima. Engikuqaphelile futhi ukuthi izwakala ilula ingasindi njengemoto enkulu, ikakhulukazi emgwaqeni ovulekile.
Ngaphandle nje kokuthula kwayo nendlela ehamba ngayo ithuthukile ngoba intofontofo. Emabhampini uyayizwa ibhampa kodwa kungabi buhlungu uma ungaphakathi. Lokhu bathe bakwenze ngokuyithinta ngakwi-suspension.
Okunye abakwenzile ukunciphisa umsindo wangaphandle ngoba ithule ngaphakathi.
Ngesikhathi siyivivinya siqwala intaba akukho lapho eke yasokola khona ibizihambela nje ngaphandle kokuxakeka.
Ezokuphepha efika nazo
zihlanganisa i-Electronic Stability Control (ESC) system neTraction Control (TC), Trailer Sway Control (TSC), Hill Start Assist (HSA), Hill Descent Control (HDC), Adaptive Load Control (ALC) ne Roll Over Mitigation (ROM). IWildtrak ifike ne-Adaptive Cruise Control neForward Collision Alert, Lane-Keeping Alert neLaneKeeping Aid kanjalo ne-Auto High Beam Control. Injalo nje iyakwazi nokuzipaka.
Bayigaxe futhi ne-alamu kanjalo nokhiye wesondo eliyisipele.
IRanger isazoqhubeka nokuba yintandokazi kuleli ngoba kunezinhlobo ezahlukene abantu abangakhetha kuzo.. AMANANI Single Cab 2.2 TDCi Base 5MT 4x2 R287 100 2.2 TDCi XL 6MT 4x2 R359 800 2.2 TDCi XL 6AT 4x2 R372 300 2.2 TDCi XL 6MT 4x4 R411 400 2.2 TDCi XLS 6MT 4x2 R390 900 2.2 TDCi XLS 6AT 4x4 R449 200 3.2 TDCi XLS 6MT 4x2 R401 800 3.2 TDCi XLS 6AT 4x4 R460 100 SuperCab 2.2 TDCi Base 5MT 4x2 R336 500 2.2 TDCi XL 6MT 4x2 R381 400 2.2 TDCi XL 6AT 4x2 R393 800 2.2 TDCi XL 6MT 4x4 R429 300 2.2 TDCi XLS 6AT 4x2 R426 400 2.2 TDCi XLS 6AT 4x4 R472 400 3.2 TDCi XLS 6MT 4x2 R424 900 3.2 TDCi XLS 6MT 4x4 R480 900 3.2 TDCi XLT 6AT 4x4 R568 600 Double Cab 2.2 TDCi Base 5MT 4x2 R350 000 2.2 TDCi XL 6MT 4x2 R409 400 2.2 TDCi XL 6AT 4x2 R428 800 2.2 TDCi XL 6MT 4x4 R455 300 2.2 TDCi XL 6AT 4x4 R474 700 2.2 TDCi XLS 6MT 4x2 R455 100 2.2 TDCi XLS 6AT 4x4 R508 400 2.0 SiT XLT 10AT 4x2 R514 300 2.0 SiT XLT 10AT 4x4 R570 200 3.2 TDCi XLT 6MT 4x2 R542 600 3.2 TDCi XLT 6AT 4x2 R571 400 3.2 TDCi XLT 6MT 4x4 R604 800 3.2 TDCi XLT 6AT 4x4 R617 300 3.2 TDCi Wildtrak 6AT 4x2 R609 800 2.0 BiT Wildtrak 10AT 4x2 R632 300 2.0 BiT Wildtrak 10AT 4x4 R678 200
Zifika ne warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, roadside assistance yeminyaka emithathu, ne-corrosion warranty yeminyaka emihlanu. Inane-service plan yeminyaka eyisithupha kanti kumele uyise kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km.