Isolezwe

AmaSUV athandwa ezweni lonke

- INTATHELI YEZEZIMOTO

YINTO eyaziwayo ukuthi izimoto eziphakeme amaSport Utility Vehicle (SUV) ziyintando­kazi kubathengi njengoba zithengwa ubuthaphut­haphu.

UMqondisi wakwaTrue Price, uDarryl Jacobson, uthe noma edayiswa esidlangal­aleni amaSUV ayintandok­azi kubathengi.

“Emhlabeni jikelele amaSUV adayisa ubuthaphut­haphu. Isigaba sawo singezinye zezenza kahle. Sibona kwenzeka into efanayo nanoma edayisa esidlangal­aleli lapha eNingizimu Afrika. AmaSUV ayinyama futhi uma esesimeni esihle ayathengwa esidlangal­aleni,” kusho uJacobson.

Yena nethimba lakhe bahambela izindawo eziningi lapho kudayiswa khona esidlangal­aleni izimoto ezidliwe ngamabhang­e eGauteng.

Basuke befuna ukuqoqa ulwazi ngendlela izimoto ezidayisa ngayo.

“Sinolwazi oluningi oluthinta izinkulung­wane zezimoto ezidayisa esidlangal­aleni emishinini yethu. Ukuhlaziyw­a kwalolu lwazi kuveze imiphumela emangalisa­yo uma kuziwa kumaSUV nokuthi ungathola malini uma uwadayisa. Sihlangani­se uhla lwezimoto ezingu-10 ezihamba phambili olususelwe entengweni ngesikhath­i idayisa esidlangal­aleni.”

1. Hyundai Creta

Le moto, eyathuthuk­iswa ngekota yesithathu ka-2018, iyathandek­a kubantu. “Ihlale inakwa futhi njengoba izibalo ziveza, idayiswa ngemali enhle,” kusho uJacobson.

Uthe ifika nezinto ezifana netouchscr­een infotainme­nt system neBluetoot­h. 2. Mazda CX-3 IMazda CX-3, ethuthukis­iwe ngoJulayi nyakenye, yiSUV encane enhle. “Ihamba kamanndi futhi ithule, kumnandi ukuyishaye­la, inhle futhi iyimoto ekahle kowesifaza­ne ongumama. Ngokwami inhle kuneCX-5,” kusho uJacobson.

Uthe ukholwa wukuthi iCX-3 iyisizathu sokuthi iMazda iphumelele eNingizimu Afrika. 3. Toyota Land Cruiser NgokukaJac­obson, le moto ihlale iheha esidlangal­aleni kunganakwa nokuthi isihambe amakhilomi­tha amangaki nesimo sayo. “YiSUV bonke abathengi abafisa ukuba nayo. Yi-4x4 yoqobo futhi ekwaziyo ukuhamba obhuqwini. Uma uhlanganis­a lokhu nokuthembe­ka kweToyota unemoto yoqobo.” 4. Toyota Fortuner YiToyota yesibili ukuba sohlwini futhi ukuthola enhle imali uma uyidayisa nokufakaze­la amandla eToyota. NgokukaJac­obson, iFortuner iyathandwa kubathengi bamaSUV ngisho bethenga endala noma entsha.

“Ibe yimoto yesithupha ukuthengwa kakhulu ngoMashi. Uma iFortuner idayisa esidlangal­aleni, kuhlale kunabaning­i abafuna ukuyitheng­a.” 5. Volkswagen Tiguan

ITiguan elayisha abagibeli abayisikho­mbisa yethulwe ngekota yesibili ka-2018 futhi uJacobson uthe lokhu kunyuse udumo lwale SUV eyakhiwe kahle. 6. Toyota RAV4

Le Toyota yesithathu kulolu hla yenza abantu bakhuluma ngesikhath­i ifika ngo-1994. “Yayinto ehluke kakhulu. Sonke sahlala sayibuka.” Udumo lwayo alukaze lwehle kusuka lapho. Uthe lokhu kufakazelw­a wukuthi kudayiswe angu-715 ngenyanga eyedlule. Entsha isanda kuthulwa futhi uJacobson uqagela ukuthi nayo izodayisek­a ngemali enhle. 7. Hyundai Tucson

Le Hyundai yesibili kulolu hla yangena esikhaleni se-ix35 ngoMashi ka-2016. UJacobson uthe iTuscon yokuqala yethulwa ngo-2005 futhi yaba yintandoka­zi njengoba kwadayiswa angu-22 716 eNingizimu Afrika kusuka ngo-2005 kuya ku-2010. Yabe isishintsh­wa yi-ix35 okwadayisw­a angu-33 692 ngaphambi kokuthi iHyundai ibuyele egameni leTucson. 8. Mercedes-Benz GL Engena endaweni yesishiyag­alombili yiGL ehlanganis­a iGLA, GLC, GLE neGLS. Uthe ithandwa ngabatheng­i ngenxa yokuthi iyabukeka, ihamba kahle, ubuchwephe­she nokuba seqophelwe­ni lengaphaka­thi lazo. 9. Ford EcoSport

Incane, ibukeka kahle, ibiza kahle, iFord EcoSport ithandwa ngabatheng­i abayitheng­a iyintsha noma iyisekeni eNingizimu Afrika.

“Ibe yimoto yesikhombi­sa ngokuthand­wa eNingizimu Afrika ngenyanga edlule njengoba kudayiswe angu-868.” Uthe ukwethulwa kwebiza kancane i-1.5 Ti-VCT Ambiente kuzonyusa udumo lwayo. 10. Jeep Wrangler

UJacobson uthe iWranger iyakwazi ukuhamba obhuqwini kodwa entsha ihamba kahle nasemgwaqe­ni futhi ingaphakat­hi balenze kahle futhi ithule.

 ??  ?? Ford EcoSport Hyundai Creta Mazda CX-3 Toyota Land Cruiser Volkswagen Tiguan
Ford EcoSport Hyundai Creta Mazda CX-3 Toyota Land Cruiser Volkswagen Tiguan
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa