Akukho okushodayo kwi-3 Series yakwaBMW
UMA kungabekwa unombolo 3 kuthiwa yini efika kuqala emqondweni angikholwa wukuthi abantu bangahluleka wukuphendula ngokushesha.
Abathandi bebhola bangacabanga amaphuzu amathathu abawadingayo ikakhulukazi njengoba sekuyosongwa amasizini kumaligi ehlukene. KumaKhristu kufika amagama amathathu.
Kubathandi beBMW nokho, kufika kuqala i-3 Series noma iSport Activity Vehicle i-X3 okuyizimoto zabo ezibalulekile ngokwahlukana.
I-3 Series, esezithebeni namhlanje, inomlando njengoba isineminyaka ikhona. Ukuba yintandokazi kwayo kwenze abantu bayetha amagama ehlukene njengelithi iGusheshe.
Okokuqala nje okuphawulekayo ngentsha wukuthi iyabukeka. Ezindaweni eziningi lapho bengiqhamuka khona ngayo abantu bebephenduka nayo.
“Yeyi uhamba ngalesilwane lesi,” kusho omunye.
Ebesihamba ngayo inombala oluhlaza okwesibhakabhaka bese iba namarimu amakhulu angu-19 inch. Amawindi athe ukudima amesha namalambu ngemuva.
Ngaphambili ine-kidney grille enkulu futhi bayifake ama-Adaptive LED headlights with BMW Laser. La malambu ebusuku akhanyisa kube sengathi yisemini.
Ayazishaya wona u-bright uma kumnyama futhi uma kunemoto phambi kwakho ayadima ngakuyo ukuze umshayeli angaxhopheki ebe ekhanya kakhulu ngasohlangothini okungenamoto kulo.
Uma uyibuka ngohlangothi imfishane. Ngokwezinombolo inkulu kunendala futhi i-wheelbase nayo inwetshiwe ngo-41mm uma uqhathanisa nendala njengoba isingu-2 851mm.
Lokhu kwenza nesikhala ngaphakathi sibe kahle abagibeli bahlale ngokukhululeka. Nebhuthi imumatha yonke impahla yomndeni ngaphandle kwenkinga njengoba ingu-480 litres ubukhulu.
Uma uyithinta ngaphakathi uyezwa ukuthi yakhiwe yaqina kodwa futhi ithambile. Inescreen esiveza inkombandlela, udlala khona umsakazo, ufunda izindaba, ubona isimo sezulu, ubuke nesimo semoto nokunye.
Umshayeli yena akadingi ukulokhu ephazamiseka ngoba kwi-windscreen kuneHead-Up Display eveza ijubane, yilapho okumele ujike khona nokunye.
Izinga lobuchwepheshe balinyusile kwazise ifika namakhamera aveza umzimba wonke, iyakusiza uma upaka futhi izikhiphe lapho upake khona.
Iselula uyishaja ngaphandle kokufaka intambo kodwa ikhona imbobo yokufaka i-USB.
Ngemuva zikhona ezinye izimbobo zokushaja kodwa angazi kufakwa izintambo ezinjani ngoba izintambo ze-USB azingeni.
I-330i ihamba ngenjini kaphethroli engu-2.0 litre four cylinder. Inamandla angu-190 kW ne-torque engu-400 Nm.
Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h bathi kuyithatha imizuzwana engu-5.8 kanti ijubane elikhulu ngu-250km/h.
Uzokhumbula ukuthi ngenhla ngithe inamasondo ayisibaca anamarimu angu-19 inch.
Lokhu kuyenza ibambelele emakhoneni kodwa izwele kakhulu emigwaqweni emibi ngoba iyagudluzela futhi ne-suspension ithe ukuqina. Uma uyihambisa “esilungwini”, emigwaqweni eshelelayo, iwubukhosi.
Ngasemandleni ayisokoli futhi namakhona iwashaya ngaphandle kwenkinga.
Ukuthola konke kuyo ngoba ivulekile, yinhle futhi ihamba kamnandi emgwaqweni ngaphandle kokungabi ntofontofo. Yi-3 Series yabantu abafuna e-sporty. Inani BMW 330i M Sport Model
R694 400