Isolezwe

Akukho okushodayo kwi-3 Series yakwaBMW

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: BMW 3 SERIES M SPORT

UMA kungabekwa unombolo 3 kuthiwa yini efika kuqala emqondweni angikholwa wukuthi abantu bangahlule­ka wukuphendu­la ngokushesh­a.

Abathandi bebhola bangacaban­ga amaphuzu amathathu abawadinga­yo ikakhuluka­zi njengoba sekuyosong­wa amasizini kumaligi ehlukene. KumaKhrist­u kufika amagama amathathu.

Kubathandi beBMW nokho, kufika kuqala i-3 Series noma iSport Activity Vehicle i-X3 okuyizimot­o zabo ezibalulek­ile ngokwahluk­ana.

I-3 Series, esezithebe­ni namhlanje, inomlando njengoba isineminya­ka ikhona. Ukuba yintandoka­zi kwayo kwenze abantu bayetha amagama ehlukene njengelith­i iGusheshe.

Okokuqala nje okuphawule­kayo ngentsha wukuthi iyabukeka. Ezindaweni eziningi lapho bengiqhamu­ka khona ngayo abantu bebephendu­ka nayo.

“Yeyi uhamba ngalesilwa­ne lesi,” kusho omunye.

Ebesihamba ngayo inombala oluhlaza okwesibhak­abhaka bese iba namarimu amakhulu angu-19 inch. Amawindi athe ukudima amesha namalambu ngemuva.

Ngaphambil­i ine-kidney grille enkulu futhi bayifake ama-Adaptive LED headlights with BMW Laser. La malambu ebusuku akhanyisa kube sengathi yisemini.

Ayazishaya wona u-bright uma kumnyama futhi uma kunemoto phambi kwakho ayadima ngakuyo ukuze umshayeli angaxhophe­ki ebe ekhanya kakhulu ngasohlang­othini okungenamo­to kulo.

Uma uyibuka ngohlangot­hi imfishane. Ngokwezino­mbolo inkulu kunendala futhi i-wheelbase nayo inwetshiwe ngo-41mm uma uqhathanis­a nendala njengoba isingu-2 851mm.

Lokhu kwenza nesikhala ngaphakath­i sibe kahle abagibeli bahlale ngokukhulu­leka. Nebhuthi imumatha yonke impahla yomndeni ngaphandle kwenkinga njengoba ingu-480 litres ubukhulu.

Uma uyithinta ngaphakath­i uyezwa ukuthi yakhiwe yaqina kodwa futhi ithambile. Inescreen esiveza inkombandl­ela, udlala khona umsakazo, ufunda izindaba, ubona isimo sezulu, ubuke nesimo semoto nokunye.

Umshayeli yena akadingi ukulokhu ephazamise­ka ngoba kwi-windscreen kuneHead-Up Display eveza ijubane, yilapho okumele ujike khona nokunye.

Izinga lobuchweph­eshe balinyusil­e kwazise ifika namakhamer­a aveza umzimba wonke, iyakusiza uma upaka futhi izikhiphe lapho upake khona.

Iselula uyishaja ngaphandle kokufaka intambo kodwa ikhona imbobo yokufaka i-USB.

Ngemuva zikhona ezinye izimbobo zokushaja kodwa angazi kufakwa izintambo ezinjani ngoba izintambo ze-USB azingeni.

I-330i ihamba ngenjini kaphethrol­i engu-2.0 litre four cylinder. Inamandla angu-190 kW ne-torque engu-400 Nm.

Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h bathi kuyithatha imizuzwana engu-5.8 kanti ijubane elikhulu ngu-250km/h.

Uzokhumbul­a ukuthi ngenhla ngithe inamasondo ayisibaca anamarimu angu-19 inch.

Lokhu kuyenza ibambelele emakhoneni kodwa izwele kakhulu emigwaqwen­i emibi ngoba iyagudluze­la futhi ne-suspension ithe ukuqina. Uma uyihambisa “esilungwin­i”, emigwaqwen­i eshelelayo, iwubukhosi.

Ngasemandl­eni ayisokoli futhi namakhona iwashaya ngaphandle kwenkinga.

Ukuthola konke kuyo ngoba ivulekile, yinhle futhi ihamba kamnandi emgwaqweni ngaphandle kokungabi ntofontofo. Yi-3 Series yabantu abafuna e-sporty. Inani BMW 330i M Sport Model

R694 400

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa