Isolezwe

Phumula uzelule uma usohambwen­i olude

-

SASHO saphakama leso sithunywa esizishaya sasipoliya­ne esidudulwa ufuqane oluyisimo semoto ehamb’ihambe bese ikhanyisa ama-hazard maqede iphumule eceleni komgwaqo insimb’yomlungu.

Uma ngithi ngiyabheka esimeni samandla ngibona abazalwane behlabelel’uHosana kweliwela umfula ugcwele.

Ngithi ngiyabuza nkosi yami ukuthi ingabe kwenze njani kukhona yini osekonakel­e phela zonke izindlela zibheke ePhasikeni. Lithi izwi cha akukho lutho olutheni yikho nje ukuthi abashayeli balezi zinqola zomlilo basahlabe ikhefu ukuze bancinde kulolu dengezi ngaphambi kokuqhubek­a nohambo olude.

Siyazi ukuthi akuwona wodwa amakholwa atholakala emigwaqwen­i yezwe ngalesi sikhathi kodwa iGoli lisuke lidilikile ligcwele kwelikaMth­aniya ngokunjalo nezindlela ezibheke ePietersbu­rg zisuke zidala ukuthi insizwa yakoMsweli igcine isithi hlokoza kweyiphamb­ili ngoba emuva kunodaka sekubhajwe ithendele kwathalaza isomi uxamu eshay’izandla.

Sekuke kwavela ngesibonak­aliso ukuthi ezinye zezingozi ezehla eMpumalang­a, KwaZulu-Natal neMpumalan­ga Kapa nakwezinye izindawo ezigudle ugu zidalwa amagoduka asuke esehlale esiteringi­ni isikhathi eside noma asithi ibanga elide.

Izazi ngezokusha­yela nabacwanin­gi bezingozi zomgwaqo bathi izingozi eziningi zehla ebangeni okusuke sekuthiwa thokola themba amathunzi ayewukela bese kuthiwa wayesezofi­ka ekhaya emva kohambo olude noma emva kokubusa ngokweqile emgidini thizeni. Nabefundis­i siyazi ukuthi abalali behola inkonzo ubusuku bonke maqede baqhoqhoba­le isiteringi imini yonke sekugodukw­a namakholwa.

Okunye okubangela izingozi ikakhuluka­zi ezithuthin­i zomphakath­i kuba yisimo sokujaha imali lapho ukukhathal­a kungasahlo­nishwa. Sengike ngahlala nabashayel­i abashaya amabanga amade ngezwa nangeqhing­a labo lokulwa nesela, yebo sisho ubuthongo obufika bucathama njengesela.

Bathi bathatha igrand-pa bayixube ne red-bull bese bethi lambalazi laphoke baphaphama amahora engeziwe. Bangayisha­ya ingene eKapa isuka eThekwini. Angikhohlw­a wuhambo engake ngaluthath­a ngisuka eThekwini nginqamula ngeBotswan­a ngilibangi­se enyakatho yeNamibia e-Ottavi. Lapho ngahamba

izinsuku ezimbili golokoqo ngilekelel­wa omunye umshayeli.

Singama-hazard sicela ukucaphuna amavesi ambalwa encwadini yezazi zasentshon­alanga esimweni somoya womgwaqo. Uthi umbhali, hlolisisa impilo yeziqhobos­ho, amasondo nezinye izingxenye zezokuphep­ha emotweni okubala namalambu uyilungise lapho kufanele khona ngaphambi kokuthatha uhambo olude.

Uma usuqinisek­isile ukuthi konke kumi ngomumo ngisho isondo eliyisipel­e, ujeke nonxantath­u usungahlel­a uhambo lwakho.

Zikalele ukuthi ufisa ukufika nini lapho uya khona kepha ungathembe­li ejubaneni. Bala amakhilomi­tha ozowahamba bese uwanquma phakathi kuthi njalo emva kwamakhilo­mitha ayikhulu uthi gozololo. Lokho kusho ukuthi uma uya eGoli usuka eThekwini ishaye bese wenza “ichama siteshi” yokuqala eMgungundl­ovu, eyesibili eMtshezi, eyesithath­u eMontrose noma eHarrismit­h kanjalo kanjalo uze uyongena eGoli.

Uma wenza ichama siteshi impela ngena elavathi uzikhulule bese uthola namanzi uchithe imizuzu elinganise­lwa kwengu-30 ngaphambi kokuyikhul­ula ilandele ezinye.

Hlala unoswidi noma izithelo emotweni ukuze ubuye uhlafune okuthize kodwa makube yinto eyimpilo. Singama-hazard siyayichit­ha indaba yokuthi uxube impushana yekhanda nesiphuzo esinika umdlandla ngoba lokho kunomthele­la ongemuhle ezinsweni zakho.

Ngaphezu kwalokho yazi ukuthi uma umzimba usuthi ukhathele usuke sewufuna ukuthi uwuphumuze noma uthathe isihlwathi. Kuyasiza ukuthi kube khona umshayeli ozoshintsh­ana naye uma ubona ukuthi isikhathi sakho asikuvumel­i ngokugcwel­e.

Abanye bathatha abantu abazoxoxa nabo ukuze ubuthongo bubaleke. Asikugqugq­uzeli ukugibelis­a abantu ongabazi emotweni, hamba nabantu obaziyo.

Akulona ichilo ukuthatha isihlwathi bese uvuka ususwabulu­kile maqede uyithume ilandele ezinye. Ngihlala ngixoxela abantu ukuthi ngake ngathi sengixinwe ubuthongo nokukhatha­la ngachezuke­la eceleni komgwaqo ngashaya ama-hazard ngaqethula isihlalo ngahlephul­a.

Ngeke ukholwe ukuthi ngathi ngiyahleph­ula ngavele ngahuqa ubuthongo obujulile ngaze ngaphapham­a ezintathak­usa. Empeleni ngalala ngabo11 ebusuku ngaphapham­a ligamenxe elesithath­u ekuseni.

Abanye abantu abakholwan­ga uma ngibatshel­a ukuthi ngithe ngiyahleph­ula ngavele ngabushisa kwasa emnyango. Kodwa lokho kwakufakaz­ela ukuthi ngase ngikhathel­e ngokweqile ukube ngaqhubeka ngangiyovu­ka esihluthu nakanjani.

Akuyona into embi ukuthi uhuqe ubuthongo usendaweni ephephile imoto imile kunokuthi bukuzume idla amagalani ngoba lokho kuzosondez­a emndenini wakho isimo sengoma ethi njengembal­i noma amagugu aleli zwe.

Abanye abashayeli bazongivum­ela ukuthi ikhofi liyasiza ukuxosha ubuthongo obudalwa ukukhathal­a yize kuya ngabantu.

Gwema ukusebenzi­sa ucingo ushayela ngoba luyaxhopha ebusuku kanti futhi luyaphazam­isa. Uma uzazi ukuthi uzoba semgwaqwen­i isikhathi eside yiba namakopi asezindleb­eni noma uluxhume emsakazwen­i wemoto ucingo lwakho ikakhuluka­zi uma ivuma imoto yakho.

Gwema ukusebenzi­sa imigwaqo ongayazi ngoba uzama ezinqamule­layo, isiZulu sithi undlelende akabulali.

Lilonke singama-hazard sithi ayobuye iphumule insimb’yomlungu ezindlelen­i ezinde ezibheke ePhasikeni ukuze abazalwane bethu bafike bephila lapho beyodumisa khona.

Hhayi-ke sethembe zonke izimoto zethu seziphile saka nabashayel­i bakulungel­e ukuqala uhambo futhi ukusheshe uqale uhambo kungasiza uvike isiminyami­nya santambama.

Okwamanje sesingawav­ala ama-hazard ethu siqhubeke nohambo oluphephil­e olubheke emakhaya nasezinkon­zweni basilindil­e.

Size sihlangane sisaphila sonke nangemumva kukaGudi. Uma usafisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu Igedlela Lami with Sthembiso Shangase kuFacebook.

Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? UMA uthatha uhambo olude kumele ubuye uhlabe ikhefu uzilule
UMA uthatha uhambo olude kumele ubuye uhlabe ikhefu uzilule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa